EzakamuvaIbholaiGladAfrica Championship

Riight! IPolokwane City iyanyuka, iCasric neSpurs kweyokuhlunga


YiPolokwane City enyukele kwiDStv Premiership ngokudla isicoco kwiMotsepe Foundation Championship ngosuku lokugcina lwemidlalo yalesi sigaba ngeSonto ntambama.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iPolokwane City ishaye iPretoria Callies ngo 4-0 ukuze iqede inamaphuzu angu-57, ilingana neCape Town Spurs kodwa ingaphezulu ngenxa yamagoli.

ICasris Stars yona iqede inamaphuzu angu-56. Izodlala neSpurs neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership kweyokuhlunga.

Bekuwubutatata kuyo yomithathu le midlalo njengoba bobathathu iPolokwane City, Casric neSpurs bebesenethuba lokusidla lesi isicoco.

Kuyiwe ekhefini iPolokwane City seyicacisile ukuthi yona ayiwasinisi amahleza njengoba beyisihamba phambili ngo 4-0 kwiPretoria Callies.

Lokhu bekuyibeka phezulu kwilogi, ilingana ngamaphuzu neSpurs kodwa yona ingaphambili ngenxa yamagoli amaningi.

ISpurs beyipaquza nayo kuMaTuks kodwa engavumi ukwenziwa isitebhisi njengoba abeke afike epalini kuvalwe amehlo.

Izinto zivele zaba zimbi kwiSpurs sekusele ngaphansi kwemizuzu engu-15 ngesikhathi uSamuel Julies ebeka AmaTuks phambili.

Ushaye ibhola elihle libekwe phansi ngaphandle kwebhokisi, layonamathela enethini, kwaba muncu e-Athlone Stadium.

Nokho ilitholile igoli sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, kwasho khona ukuthi isikhathi asisavumi ukuthi ithole elinye.

FUNDA NALA: Wilfred Mugeyi: Izimenenja ezithanda imali eziletha ‘oBimenyimana’

ICasric Stars yona beyisindeka kakhulu njengoba kuyiwe ekhefini seyivele ilandela ngemuva ngo 2-1 kwi-All Stars.

Nokho ikwazile ukubuya sekusele imizuzu ngaphansi kancane kwengu-20 umdlalo uphele. Lokhu kuyenze yabuyela embangweni wesicoco ngoba uma ilithola elokuwina ibingaqeda phezulu, kube yiyo engena kwiPremiership.