Kusolwa abaqeqeshi bakuleli ngesimo soZungu, Jali nabanye
By Sbongs Gumbi
Obengumdlali emaqenjini ehlukene ePSL ocele ukungadalulwa, uyikhomba kubaqeqesi inkinga yotshwala ebhekene no-Andile Jali, Nkanyiso Zungu nabanye abadlali kuleli.
Uthi indlela abadlali abaphathwa ngayo emaqenjini yiyo ebenza begcine sebonakala benkunka utshwala ngesikhathi kumele ngabe basemsebenzini.
Ukuvezile ukuthi akubona laba badlali nje kuphela, kodwa yinkinga enkulu ekhona emaqenjini ePSL.
“Yazi abantu bazomsola nje u-Andile Jali, Nkanyiso Zungu noSiphelele Ntshangase nabanye kodwa ukube bayasazi isimo esibhekana nabadlali ngabe bacabanga ngenye indlela.
“Mina nje ngizosola abaqeqeshi bakuleli ngoba thina sisuke sibheke ukuthi yibona abasiqonda kangcono kanti lutho.
“Bayalibala ukuthi laba ngabantu nabo futhi banezimpilo zabo okumele baziphile ngendlela abafuna ngayo,” kuchaza le nsizwa eke yagijima kuMaZulu FC.
“Ukuphuza yinto evumelekile, into engafanele wukuthi umuntu abuphuze ngesikhathi somsebenzi.
“Nami bengiphuza kodw auma uzakwethu eke wafika ejimini kubonakala ukuthi busesegazini noma ubudlonyile, ubelwiswa yimi kuqala.
“Kodwa manje abaqeqeshi bavele balwe nje nabadlali abaphuzayo, babashawode naphambi kozakwabo bebatshela ukuthi bazogcina beyizibotho.
“Kulapho ke umdlali eqala khona ukufihla bese kuyonakala ke ngoba ugcina esetholakala ezindaweni ezingafanele.
“Kanti ukube bayakuqonda ukuthi uma sesiqedile ngokujima kwalolo suku, engikwenzayo ngale akusahlangene nabo ngabe kungcono.
“Akekho umdlali ongaphuza eqise azi uya ejimini noma ekhempini ngakusasa. Thina besizihlalela nje sishaye kancane senzela ukuzijabulisa.
“Akukho nkinga kulokho, kodwa manje uma nibufihla, kugcina sekweqiseka bese uthole umuntu engasayi ke ejimini, noma afike busesegazini.
“Angithi uthola ukuthi uhleli nabanye abadlali kuze kuhwalale esaba ukuzishayela ubhiya wakhe, bese uma kuthiwa kuyolalwa kube yima eqala ke yena eyofuna utshwala aphuze.”
FUNDA NALA: Riight! IPolokwane City iyanyuka, iCasric neSpurs kweyokuhlunga
Uthe isimo sika-Andile Jali senziwa yikho lokhu akushoyo ngoba imithetho kwiSundowns iqine kakhulu.
“Uyabona indlela ayiyo ukuthi uzidelile nje u-Andile Jali, kuleya vidiyo uyabona ukuthi ngenhliziyo uthi noma bengabona anginandaba.”
Uthi abaqeqeshi bavele bafune abadlali baphile njengabo, bakhohlwe wukuthi phela abadlali basengabafana basaphila impilo yobunsizwa.
“Umqeqeshi uthola ukuthi ushadile futhi uhlala nomkakhe nezingane zabo. Akokhohlwe wukuthi thina sizimpohlwa futhi sisasezingeni lokuzijabulisa empilweni.”