EzakamuvaIbhola

UMakaab uveza inkakha yeChiefs ‘elanywa’ uMfundo Vilakazi

Imenenja yabadlali, uMike Makaab, isincome isihlabani seKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, yamfanisa nenkakha yaleli qembu eyayingaconsi kubalandeli. 

UVilakazi ubonakale kafushane ngesikhathi iChiefs ihlulwa ngo 1-0 yiRichards Bay emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium ngeSonto. 

Lo mfanyana osemcane ungene wenza umehluko, kwabonakala okwenziwa yiChiefs kulo mdlalo.

Ufike nomfutho omangalisayo, edlula eshelelela ezitobheni zeBay wena owabona ummese oshisayo ebhoteleni. 

UMike Makaab ungomunye wabantu abahlabeke umxhwele ngekhono lale nsizwa eyaziwa ngelika-“Obrigado”. 

Uthi ungomunye wabadlali abanebhola elihle sababonile kule minyaka embalwa edlule ebholeni lakuleli.

“Ngibe nenhlanhla yokumenenja uJabu (Pule) Mahlangu futhi bengingakaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngibone omunye umdlali onalelo thalente… 

“Ikhono elingakholakazi kwaze kube ngibona uMfundo Vilakazi,” kusho uMakaab ekhuluma kwi-Extra time kwiGagasi FM kuleli sonto.

“Ungomunye wabadlali abasebancane abanekhono elijabulisayo esesike saba nabo ebholeni lethu kule minyaka edlule. 

“Ngiyethemba nje, nathi (siyiPro Sport International) sizozama ukudlala indima yethu, ukuthi agcine angakhukhunyalelwa yikhanda… 

“Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi simkhuthaze ngoba vele ithalente nekhono uzalwe nakho. 

“Uvele ashelele kalula nje edlula ezitobheni kube sengathi azimboni,” kuchaza uMakaab oyimenenja yakhe lo mfana.