Opelepele nomjaho omusha wokuzicijela iComrades eThekwini
By Alfred Ngubane
Inhlangano yabasubathi yaseThekwini iChilli Running Club seyethule umjaho wayo wokuqala emema kuwo wonke umuntu ofisa ukugijima.
Le nhlangano, ebuye yaziwe ngokuthi ‘Opelepele’, izobamba lo mjaho ngoMeyi 28 khona eThekwini.
Umjaho, ozobizwa ngeChilli Lifestyle 10km Race, uzoqala futhi uphelele eKings Park Athletics Stadium. Ukuwungenela kubiza uR180.00.
Ilayisensi yesikhashana kubagijimi abangenayo izobiza uR60. Lokhu kusho ukuthi ongenayo ilayisensi uzongena ngoR240 kulo mjaho.
AbeChilli Running Club bathi lo mjaho uzosiza labo abalungisela imijaho emikhulu njengeComrades Marathon ithuba lokuzihlola ukuthi sebelunge kangakanani.
“Sichazekile ngalokho Opelepele abeza nakho kwezokugijima emgwaqeni,” kusho unobhala wale nhlangano uMbuso Zama.
Umjaho uyoqala ngo-7 ekuseni ngasecaleni leMasabalala Yengwa Road, ungene kuSnell Parade,
Bese uqonda kuSylvester Ntuli Road.
Youtube sewujikela kuBram Fischer Road bese ujikela kwesokudla kuWalnut
Road bese kubhekwa la kuphelela khona umjaho eKingspark Athletics Stadium.
FUNDA NALA: Uzibambela mathupha uFarouk Kadodia empini yokuvika izembe
Umjaho uyovalwa ngemuva kwamahora amabili nesigamu (2.5 hours). Abagijimi abathathu abayophuma phambili kuphela abazothola imiklomelo yemali.
Kodwa wonke umuntu ozogijima awuqede lo mjaho uzothola indondo eyakhiwe ngokwekhethelo.