Isingene umbango wochithwa AmaZulu iKaizer Chiefs
Njabulo Shezi
IKaizer Chiefs isingelinye lamaqembu okuthiwa acuthele ukugxuma ahlale uma umgadli odume kwi-Orlando Pirates kwenzeka ekhululwa AmaZulu FC.
UGabadinho Mhango ngomunye wabadlali okubhekwe ukuthi AmaZulu abakhombe indlela njengoba efuna ukwakha kabusha nje.
Umengameli woSuthu, uSandile Zungu waveza ukuthi uzodedela okungenani abadlali abangu-11 kuleli qembu lakhe.
Iningi labo lizokhululwa ngenxa yobuhlongandlebe okuthiwa budla lubi kuleli qembu njengoba kuthiwa abadlali baziphilela ngamponjwana.
Abadlali osekuvelile ukuthi bayahamba kukhona uDumisani Zuma noThabo Qalinge kanti abanye kusahlawumbiselwa kubo.
NoMhango ungomunye walabo okuvela ukuthi uyahamba yize kungakaqinisekiswa lutho okwamanje.
Ngokubika kwabeGoal, iKaizer Chiefs seyiphakamise isandla kubaphathi bakhe, ibatshela ukuthi uma ekhululwa bamphuthumise eNaturena.
Phela iKaizer Chiefs isemkhankasweni wokufuna abagadli njengoba ishoda kakhulu kule ndawo. OCaleb Bimenyimana noChristian Saile ebithembele kubo bahlulekile.
Kumanje kunamahlebezi okuthi uBimenyimana ngeke abuye ngesizini ezayo njengoba ezokhululwa noma abolekiswe kwelinye iqembu.
IChiefs ivele isemizamweni yokuthola uRanga Chivaviro osekuvele ukuthi usengoweRichards Bay. Amakhosi asexoxa nayo iRichards Bay ngalo mdlali obekwiMarumo Gallants ngesizini edlule.
Abanye abadlali abamataniswa neKaizer Chiefs ngoLantshene Phalane, Etiosa Godspower Ighodaro noRowen Human.
UPhalane ubekwiRoyal AM kanti kuthiwa ukhululiwe njengoba kuphele inkontileka nje. U-Ighodaro yena ukwiChippa United kanti uHuman ukwiMaritzburg United.
FUNDA NALA: Kudutshulwe kwabulawa oke wacija iRoyal AM eKapa
Kubadlali okulindeleke bakhululwe kwiChiefs kukhona o-Austin Dube, Njabulo Ngcobo, Kamohelo Mahlatsi, George Matlou, Cole Alexander, Phathuthsedzo Nange noBimenyimana.