EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Uzibambela mathupha uFarouk Kadodia empini yokuvika izembe

By Alfred Ngubane

Ufingqa imikhono uFarouk Kadodia, uthi ngeke iMaritzburg United idliwe yizembe ebhekile. 

Lo sihlalo useke wakhuluma nangokungenami kwakhe ngesenzo sePSL sokudlalisa leli qembu lakhe ngaphambi kwamanye avika nalo izembe. 

IMaritzburg izogadulisana neMamelodi Sundowns emdlalweni wayo wokugcina kwiDStv Premiership kule sizini eLoftus Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 kusihlwa. 

UFarouk Kadodia ukhale ngokuthi lokhu kunokwenzelela ngoba iChippa United neMarumo Gallants bazodlala sebazi ukuthi badinga muphi umphumela. 

Eminye imidlalo yokusonga iPremiership izodlalwa ngoMgqibelo futhi yonke izoqala ngesikhathi esifanayo. 

IPSL yamchitha uFarouk Kadodia uma ecela ukuthi nalo welakhe iqembu umdlalo uhlehliswe, le yamaqembu asengcupheni yezembe idlale kanyekanye yonke. 

Kodwa njengoba ingasekho into angayenza ngalokho, lo sihlalo usethembise abadlali bakhe amabhonasi amahle uma benganqoba kwiSundowns. 

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo osondelene naleli qembu, isimo simuncu impela manje kusihlalo. 

Kuthiwa ukhala ngokuthi uma iqembulidliwa ngoLwesibili, kobe sekuphelile ngaye ebholeni. 

Useke wanxenxa nabafundisi  ukuthi bakhulekele iMaritzburg United ingashoni ehlathini. “Nabasebenzi bayaqala manje bama izixongololo kungqunyuzwa ngale nkinga ebhekene neqembu. 

“Mfowethu amathemba mancane ukuthi iMaritzburg United inganqoba kwiMamelodi Sundowns FC.

“Futhi ngike ngamuzwa usihlalo ethi uzolithengisa leli qembu uma ngabe liya kwiMotsepe Foundation Championship ngoba uyazi kunzima ukubuya khona.

“Into aseyenzile ke kodwa manje ukuvika leso simo wukuthi athembise abadlali imihlomulo emihle abazoyithola uma bengashaya iSundowns.

Ithemba lokugcina selisekutheni le mali izobenza balwe abadlali futhi bakwazi ukuthola lo mphumela noma nawo ungaqinisekisi lutho.”

FUNDA NALA: IPirates yangithumba ejimini yeSwallows – uNaughty Mokoena

Uma iMaritzburg kwenzeka iwatholwa amaphuzu amathathu kwiSundowns, kusazomele imincele ukuthi iChippa neGallants benganqobi kweyabo. 

Womathathu lamaqembu anamaphuzu angu-29 njengoba sekusele umdlalo owodwa iligi isongwe. IMaritzburg isemsileni ngenxa yamagoli.