EzakamuvaIbholaImibono

UMBONO: IChiefs neMan United, izithupha ziya egwayini

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs, yaseNingizimu Afrika, neManchester United, yase-England, amaqembu amabili asazobaqulekisa kaningana abalandeli bawo abayizindimbane kule sizini.

Lawa ngamaqembu anabalandeli abaningi kakhulu emhlabeni, ngokwehlukana kwawo kodwa izinto ziyawabhimbela selokhu kuqale isizini. 

Amakhosi neMan United babathengile abadlali ngesikhathi kuvulwe iwindi kodwa isibhaxu silokhu siqhubeke njalo kuwona womabili la maqembu.

NangoLwesibili akukho okuhlukile okwenziwe yila maqembu njengoba siqhubekile isimbambamba. 

Kuqale iChiefs yathelwa othulini yiCape Town City ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, yathi iMan United ngeke isale ekushayweni, yafakwa isibhaxu yiGalatasataray eyidle ngo 3-2 emdlalweni we-Uefa Champions League.

Isimo seChiefs neseMan United sicisho sifane ncamashi. KwiChiefs kukhalwa ngonozinti uBrandon Peterson, onamaphutha, kanti nakwiMan United kukhalwa ngonozinti u-Andre Onana naye ongazibekile phansi ngamaphutha. 

NgoLwesibili ubengekho uPetersen kuvimbe u-Itumeleng Khune kwiChiefs. U-Onana yena ubekhona ezintini zeMan United futhi aqhubekile amaphutha.

Naphambili izinto azihlangani kula maqembu njengoba ehluleka ukushaya amagoli. 

Noma edlala ibhola elihle ngezinye izikhathi kodwa kuyenzeka agcine eshaywe ngo 1-0 ngoba wona awawasebenzisi amathuba awatholayo. 

Ukudlala ibhola elihle kwesinye isikhathi akusizi uma iqembu lingawashayi amagoli.

Akungabazeki ukuthi kunzima kakhulu kubalandeli abaweseka womabili la maqembu, okungekho ukuthandabuza ukuthi baningi kakhulu. 

IChiefs iyiqembu elinabandeli abaningi kunawo wonke eNingizimu Afrika futhi akekho noyedwa ongakwazi lokho. 

E-England iMan United izihambela yodwa ngabalandeli futhi nase-Afrika yonkana ilandelwa yinqwaba.

Okuhlalukayo nokho ukuthi la maqembu angase aqede isizini engenayo neyodwa indebe uma eqhuba ngale ndlela aqhuba ngayo. 

Lokhu kuyabalimaza abalandeli bawo abayinhlekisa kubalandeli bamanye amaqembu.

Noma kunjalo abalandeli basaphuma ngobuningi ukuyobuka la maqembu ahlonishwayo emhlabeni, ikakhulukazi uma edlalela ekhaya. 

Nokho okwamanje azikho izimpawu zokuthi iChiefs neMan United kukhona abazokuwina kule sizini. 

FUNDA NALA: UMokwena ujulukiswa eyokungalulami komdlali ‘amdingayo’

Kunalokho maningi amathuba okuthi womabili agcine ebakhombe indlela abaqeqeshi bawo njengoba izinto zingavumi nhlobo ukuhlangana. 

Akuhambi kahle eNaturena nase-Old Trafford. Shwiii