Imicibisholo ye-Arrows ibheke kwiChiefs yonke
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izobhekana nemicibisholo yeLamontville Golden Arrows kabili ngosuku olulodwa, okunguMgqibelo.
Amakhosi azoqale azame ukuthola amaphuzu aphelele uma esetholana phezulu ne-Arrows emdlalweni weDStv Diski Challenge eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni.
IChiefs akungabazeki ukuthi iwabhekile amaphuzu amathathu ngemuva kokushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 nokudlala ngokulingana neMoroka Swallows ngo 1 -1 emidlalweni emibili edlule.
Njengamanje iChiefs inamaphuzu angu-14 ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa, kanti isemhlane we-Orlando Pirates nayo enamaphuzu angu-14 emidlalweni efanayo.
Eqhulwini, nakulesi sigaba sabadlali abasathuthukiswa kuhlezi iMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-17 emidlalweni eyisikhombisa.
Ngasohlangothini lwe-Arrows ihleli endaweni ka-11 kwilogi ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.
Isawine kanye, yadlala ngokulingana kwemihlanu, yase ishaywa kowodwa. Nakanjani nayo iyawadinga amaphuzu aphelele kulo mdlalo.
Yisimo esihluke kakhulu kwiDStv Premiership. I-Arrows izotholana phezulu neChiefs eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, ishayela phezulu.
Isendaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-17 emidlalweni eyisishiyagalombili. Seyiwine imidlalo emihlanu yadlala ngokulingana emibili yase ishaywa kowodwa.
Nakanjani umqeqeshi uMabhuti Khenyeza uzoya kulo mdlalo ebheke ukunqoba ngoba iqembu lakhe lenza kahle kuneChiefs esanda kushintsha abaqeqeshi.
Amakhosi azoya kulo mdlalo eseholwa uCavin Johnson (obambe okwesikhashana) ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki obephikwa yimiphumela.
IChiefs isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Isawine imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana emibili yase ithola isibhaxu kwemine.
Ngaphandle kwalokho isanda kuwashiswa ijezi AmaZulu FC kwiCarling Knockout Cup, nokuyinto exoshise uNtseki.
FUNDA NALA: Bayathimula ngePirates edlalisa uLorch omelwe ‘ukuyobhantinta’
Kuzocaca ngoMgqibelo ukuthi Amakhosi azokwazi yini ukubhekana nemicibisholo yeLamontville Golden Arrows, ikakhulukazi iqembu elikhulu eluzobe liholwa uCavin Johnson okokuqala kule sizini.