EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

BUKA: Ngabe uFadlu Davids ucele umaluju kuRulani Mokwena?

By Njabulo Shezi

Sekunevidiyo eveza umqeqeshi weMaritzburg United uFadlu Davids ebonakala sengathi ucela umaluju kuRulani Mokwena weMamelodi Sundowns. 

Lamaqembu abambane ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa ePitoli. 

Lo mphumela unike iMaritzburg ithemba lokuthi kungenzeka isinde ezembeni yize kusamele imincele ukudliwa kweChippa United neMarumo Gallants. 

IChippa izogadulisana neGolden Arrows eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

IGallants yona izovakashela iSwallows eDobsonville Stadium ngawo uMgqibelo futhi le midlalo neminye yeligi izoqala ngesikhathi esifanayo. 

Kule vidiyo eqoshwe ngobebuka kwithelevishini, kuvela uFadlu Davids ekhuluma okuthile ebheke ngasebhentshini lezikaRulani Mokwena. 

Yize engazwakali ukuthi uthini, uma ufunda izindebe zakhe kubonakala ngathi ucela umaluju kuRulani Mokwena. 

Kubonakala ngathi uthi, ‘Mqeqeshi, sisizeni phela siyacela’. Le vidiyo ifakwe ezinkundleni zokuxhumana wusihlalo weSwallows uDavid Mogashoa. 

Ube eseyiphelezela ngombhalo othi: “‘Mqeqeshi! Mqeqeshi sisize phela siyacela’. Ibhola lizokubulala okwangempela.” Ube esefaka ama-emoji okuhleka. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uFadlu Davids ukhale ngokuthi kumele iqashelwe iSwallows ngoMgqibelo inganikeli ngamaphuzu kwiGallants. 

Uthe iSwallows kumele isebenzele ukungena kwiTop 8 njengoba amaphuzu amathathu ezoyifaka khona. 

Unxuse okufanayo nangomdlalo weChippa, ethi abadlali be-Arrows kumele baqashwe ngeso lokhozi ukuthi abazenzisi kulo mdlalo. 

Ucaphune umqeqeshi wePretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship uKwanele Kopo osole abadlali bakhe ngokuhudula izinyawo. 

FUNDA NALA: Abaphathi babasubathi nesinongo esisha kwiComrades Marathon

UKopo uthe abadlali bakhe abazange bazinikele ngendlela abefisa ngayo ngesikhathi beshaywa yiPolokwane City ngo 4-0 emdlalweni wokugcina kulesi sigaba. 

Ukunqoba kwePolokwane City kuyinike isitifiketi sokudlala kwiPremiership ngesizini ezayo njengoba kuyiyo engompetha balesi sigaba. Buka ividiyo ngezansi: