Abaphathi babasubathi nesinongo esisha kwiComrades Marathon
By Alfred Ngubane
Kunomehluko ozayo kwiComrades yanonyaka njengoba abaphathi babasubathi sebeqhamuke nesinongo esisha kulo mjaho.
Impempe seyithole ukuthi abaphathi babagijimi emakilabhini ehlukene nabo bazobe bencintisana kulo mjaho nonyaka.
Kulaba baphathi singabalula uNick Bester weNedbank Running Club onabagijimi abaningi ngaphansi kwetebela sakhe abanqobe iComrades.
UNick Bester uyinqobe ngoGerda Steyn (2019), Camille Herron (2017), Charne Bosman (2016), Ludwick Mamabolo (2012), Claude Moshiywa (2013) Edward Mothibi (2019) noTete Dijana (2022).
Laba basubathi abaqhamuka eNorth West baqeqeshwa nguDave Adams okuyinkunzi ekade yayidonsa kwezokusubatha.
Kubasubathi azogadla ngabo uNick Bester kulokhu kukhona umpetha wangonyaka ofile uTete Dijana, Edward Mothibi, nabanye abaningi.
Omunye umphathi wekilabhu ozobe egijima naye nguJohn Hamlet weHot Running Club. Yena useke wayinqoba ngo-Andrew Kelehe (2001), Gift Kelehe (2015), David Gatebe (2016) Caroline Wostmann (2018) no-Anne Ashworth.
FUNDA NALA: I-Orlando Pirates icela isihlobo esihle kuMaZulu ngomdlali
Abanye abaphathi babasubathi abazozizwela ngezabo izinyawo lo mjaho ngoMartin Ngwenya weMaxed Elite, Willie Mtolo we-Intsika AC, Dana Coetzee weMurray & Roberts noBlackie Swart we-Impala Marathon Club.
LO mjaho uzogijinywa ngoJuni 8 kanti kulokhu kuyehliwa njengoba uzosukela eMngungundlovu uye Ethekwini.