EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

I-Orlando Pirates icela isihlobo esihle kuMaZulu ngomdlali emfunayo

By Alfred Ngubane

Seyifongqe isigqoko yamemeza emasangweni AmaZulu FC i-Orlando Pirates njengoba kunomdlali osedonse amehlo ayo kuleli qembu laseThekwini. 

Osibhincamakhasane bathi leli qembu laseSoweto lisha amashushu ngalo mdlali futhi lizimisele ukwenza noma yini ukumthola. 

Kuthiwa lizimisele nokunika Usuthu abanye babadlali balo abasezingeni ukuze lubadedelele lo mdlali elimfunayo.

Buvele ke buhle ubudlelwano phakathi kwalamaqembu njengoba nakule sizini edayiselane kahle. 

I-Orlando Pirates itheze uTapelo Xoki ekuqaleni kwesizini, yabuya nangoJanuwari yayothenga uMakhehleni Makhaula kuMaZulu.

Yona yanika Usuthu umgadli obesathandwa abalandeli bayo ngaleso sikhathi uGabadinho Mhango.

Manje ngokuthola kweMpempe ngemithombo yayo, i-Orlando Pirates seyifuna umdlali wasemuva kuMaZulu. 

“Izimisele impela ngoRiaan Hanamub futhi cishe ngikhuluma nawe nje sekuze kwavunyelwana,” kusho umthombo. 

URiaan Hanamub udlala emuva kwesokunxele kanti udabuka eNamibia. Usuthu lona belumthole kwiChippa United ngesizini edlule. 

Ungomunye wabadlali abebegqamile kuMaZulu yize isizini beyisinda nje kuleli qembu laseThekwini elixoshe abaqeqeshi kwaze kwakabili. 

Usuthu lwaxosha uBrandon Truter obeqale isizini, lwalanda uRomain “Fohloza” Folz kodwa naye wagcina esusiwe esikhundleni. Kubambe u-Ayanda Dlamini njengamanje. 

I-Orlando Pirates kuthiwa ifuna uRiaan Hanamub nje yingoba enamava kwazise uyadlala naseqenjini lesizwe laseNamibia. 

Umthombo wethu uphinde waveza ukuthi kungenzeka kungabi uRiaan Hanamub kuphela othengwa yiPirates Osuthwini. 

“Bafuna abadlali abanamava njengoba bebuyela emiqhudelwaneni yeCaf nje. URiaan Hanamub yena bambona ezoqinisa kahle impela kwesokunxele.

“Ngike ngayizwa ke nekanozinti uVeli Mothwa kodwa yona anginasiqiniseko ngayo okwamanje kodwa uma kukhona okusha engikutholayo, ngizokuxoxela.” 

FUNDA NALA: UThabo Rakhale ubika usizi lokuphela komsebenzi esithubeni

I-Orlando Pirates ivele isemkhankasweni wokuthola unozinti onamava njengoba ingase idedele uRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane. 

URichard Ofori kuvela ukuthi ufisa ukuphindela phesheya kanti uSiyabonga Mpontshane yena kungenzeka awagaxe emgibeni amagilavu.