EzakamuvaIbhola

UThabo Rakhale ubika usizi lokuphela komsebenzi esithubeni

By Njabulo Shezi

Wayethi uma elithinta ibhola uThabo Rakhale kuchwaze i-Orlando Stadium kodwa manje izinto zijikile, usezidlalela umzwangedwa. 

Lo mdlali wasesiswini onekhono elihle lomjiko wazakhela igama kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokudlulela kwamanye amaqembu. 

UThabo Rakhale, owaqanjwa elesidlaliso elithi nguJomo ngenxa yekhanda elikhulu elifana nelikaJomo Sono, ugcine ngesizini edlule ukuba neqembu. 

Ubedlala kwiSekhukhune United kodwa waba yingxenye yabadlali abadilizwa kuleli qembu ngesikhathi likhuculula abangasadingeki ngoFebhuwari nyakenye. 

Uthi kusukela lapho alikho elinye iqembu elimsayinile futhi usehlala ekhaya, useyacabanga nokuthi mhlawumbe ngeke aphinde adlale ezingeni elikhokhelayo. 

“Kuyagqilazana emqondweni ukungadlali isikhathi eside kanjena,” usho kanje uThabo Rakhale kwabeLimpopo Sports Zone

“Uyazi uma sewujwayele ukuvuka njalo ekuseni uye emsebenzini, bese kuvela kuphela lowo msebenzi esithubeni kuba nomthelela omubi emqondweni.”

Nokho uThabo Rakhale uthi uyazama ukumelana nalesi simo abhekene naso athi simenza azibone eyisehluleki kwesinye isikhathi. 

“Kodwa kumele uqine bese uqinisekisa ukuthi unabo abantu abakusekile eduze nawe. 

“Awucabange nje ukuthi ungaphendula uthini uma njalo usemgwaqeni uhlangana nabantu bakubuze ukuthi, ‘kungani ungabuyeli ebholeni elikhokhelayo?’

“Lowo mbuzo yiyonanto engenza ngizibone ngiyisehluleki sokugcina. Sengivele ngizitshele ukuthi ngidlalile ngesikhathi sami. 

FUNDA NALA: Isaya kude iSuperSport ngamava kaGavin Hunt

“Mhlawumbe manje sekuyisikhathi sokuthi kudlale abanye,” kuchaza lo mdlali oke wagijima kwiChippa United nakwiTshakhuma phambilini. 

Lo mdlali oneminyaka engu-33, useke abonakale edlala obhuqwini ngakubo eVaal. Nokho kuvela ukuthi kungenzeka abuye ebholeni elikhokhelayo ngesizini ezayo. 

Kuthiwa kunamaqembu aseke azisondeza kuye ngenhloso yokuzwa ukuthi engavuma yini ukuzodlala kuwo. Nokho akukho okusabekwe etafuleni okwamanje.