Isihlawulisiwe iChiefs ngecala lokujikijelwa kukaNtseki
Sihle Ngubo
IKaizer Chiefs ihlawuliswe yiPremier Soccer League (PSL) ngehlazo lokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo ababedinwe wukuthi ishayiwe.
Abalandeli beChiefs bajikijela umqeqeshi uMolefi Ntseki ngemuva kokuthi iqembu lishaywe yiTS Galaxy ngo 1-0 emasontweni amabili edlule.
UZola Majavu ongumshushisi wePSL ukuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi iChiefs izohlawula ngalesi senzo sabalandeli bayo.
“IChiefs ivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngoLwesibili ekuseni yafike yalivuma icala.
“Ibe isihlawuliswa u-R100 000, kanti u-R30 000 ulengisiwe ukuthi ingazitholi inecala elifanayo zingakapheli izinyanga ezingu-12,” kusho uMajavu esitatimendeni.
“Izokhokhe nezindleko zokuhlala kwecala kanti iphinde yayalelwa ukuthi ibhalele iPSL nabaxhasi incwadi yesixoliso.
“Le ncwadi kumele iyiphanyeke nakwi-website yayo. U-R70 000 nezindleko zokuhlala kwecala kumele iwukhokhe ngokushesha.”
UMajavu uthe kukhona nemibono iPSL ezokweluleka ngayo iChiefs, wathi kodwa kuzoba kuyo ukuthi iyayisebenzisa yini noma iyayiyeka.
IChiefs iyiqale kabi isizini njengoba seyishaywe imidlalo emibili kwemine esiyidlalile.
FUNDA NALA: Bamoyizela bodwa abafana bayodlala neBayern Munich eGermany
Komunye umdlalo ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1. Nokho izamile ukubuyisa isithunzi ngokushaya AmaZulu FC ngo 3-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo.