OweBanyana uqophe umlando ongemuhle kwiligi yase-United States
Umdlali weBanyana Banyana, uLinda Motlhalo, uqophe umlando onganambitheki kwiNational Women’s Soccer League (NWSL) e-United States.
Lo mdlali ube ngowokuqala wase-Afrika emlandweni weNWSL, ukuhlala imidlalo engu-15 yonke engakaze adlale nomzuzu owodwa eqenjini lakhe.
Iqembu iRacing Louisville, lishaye iNorth Carolina Courage ngo 3-1 emdlalweni wokugcina ngaphambi kwekhefu lama-Olympic. Nokho lo mdlali waseNingizimu Afrika ubengekho ngisho ebhentshini.
Lo mlando ongemuhle wenzeka nje uMotlhalo usadlale imizuzu emithathu kuphela emidlalweni engu-16 kule sizini. Abalandeli bangene ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukungakholwa nokuphoxeka, bacela ukuthi lo mdlali anikwe ithuba.
Kukhona i-#JusticeForLindaMotlhalo egcwele ezinkundleni zokuxhumana lapho kuvezwa khona isidingo sokuthi uMotlhalo anikwe ithuba lokukhombisa ikhono lakhe.
Umdlali waseNigeria, uChenna Kanu, omunye umdlali wase-Afrika, naye ubukele esebhentshini ngesikhathi kudlala ezakhe nezikaMotlhalo, nokushiya imibuzo ngokuncishwa ithuba kwabadlali base-Afrika kule ligi.
Njengoba iNWSL ithathe ikhefu lama-Olympic, irekhodi likaMotlhalo liyisikhumbuziso senselelo ebhekene nabadlali base-Afrika kumaligi aphesheya.