EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Ishodelwa abadlali iKaizer Chiefs, noZwane uzobe engekho kowokugcina

By Njabulo Shezi

U-Arthur Zwane kungenzeka angabi khona uma iKaizer Chiefs seyivala isizini ngoMgqibelo ntambama. 

IKaizer Chiefs izogadulisana neCape Town City eFNB Stadium behubha ilutho emdlalweni wabo wokugcina kwiDStv Premiership kule sizini. 

Impempe ithole ukuthi lo mqeqeshi unikezwe ikhefu, kwathiwa angahlala ekhaya engezi kulo mdlalo uma efisa kanjalo. 

Lokhu kulandela ukuthi ethole ukulimala kade kunezidubedube eRoyal Bafokeng Stadium ngempelasonto edlule. 

Abalandeli bavuka indlobane befuna uZwane asule esikhundleni sakhe kulandela ukushaywa kwezabo yiSuperSport United. 

Akucaci ke ukuthi uzolamukela yini leli khefu alinikiwe noma uzoya kulo mdlalo kwazise owokugcina. 

Useveze nokuthi unabadlali abangu-19 kuphela angakhetha kubo iqembu elizodlala kulo mdlalo weCity njengoba esephinde wahlasilwa ukulinyalelwa. 

“Sesiwenzile amalungiselelo okugcina nabadlali abakulungele ukudlala,” ucashunwe esh kanje uZwane kwi-webiste yeKaizer Chiefs. 

“Siphinde salinyalelwa abadlali abathathu kanti abanye abaphilile. Kodwa ke vele bekunjalo isizini yonke. Ngeke sikhalaze ke kodwa. 

“Sinabadlali abangu-19 esingakhetha kubo – akubona nabangu-20 – kodwa ke kulungile,” kusho lo mqeqeshi. 

IKaizer Chiefs seyihlulwe emidlalweni emithathu kulandelana kanti uZwane uthi ufuna banqobe ukuze baqale kahle ukulungiselela isizini edlule. 

“Sidlala ekhaya futhi kumele sinqobe lo mdlalo. Njengoba sihlulwe imidlalo emithathu nje, kuyacaca kuzoba nzima. 

FUNDA NALA: U-Ayanda Dlamini uveza okugqilaze Usuthu kule sizini

“Ngokomqondo, silindele ukuthi abadlali bamelane nengcindezi ikakhulukazi ngoba sidlala ekhaya umdlalo wokugcina wesizini. 

“Sidinga ukuvala isizini ngokunqoba bese siqala sibheka isizini ezayo. Kumele sithole indlela yokuthola umphumela kulo mdlalo,” kusho uZwane.