EzakamuvaIbhola

UBrandon Truter ukhathazeke ngesikhathi sokulungiselela iPirates 

Sihle Ngubo

Umqeqeshi weSekhukhune United, uBrandon Truter ukhala ngokuthi sibe sincane kakhulu isikhathi sokuziqeqesha njengoba bezobhekana ne-Orlando Pirates koweMTN8 ngoMgqibelo.

UBrandon Truter usho lokhu ngemuva kokuthi beshaye iCape Town Spurs ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu eKapa. 

ISekhukhune ibiqala ukuthola amaphuzu aphelele kule sizini. Nokho uTruter ubona ukuthi kumele bayihlele kahle eyokuziqeqesha njengoba imidlalo iza ilekenyana.

“Njengoba isikhathi phakathi kwemidlalo simi kanje kunzima. Sinesikhathi esincane kakhulu sokuziqeqesha,” kusho uTruter.

“NgoLwesine siyagibela sibuyela emuva. SinoLwesihlanu kuphela bese ngoMgqibelo sidlale ne-Orlando Pirates. Yisimo okumele sisihlele kahle sisihlaziye.

“Nokho ngijabule ngokuthi sithole iwini yethu yokuqala, ikakhulukazi ngoba besidlalela ekuhambeni. Akulula ukuza lapha eKapa.”

ISekhukhune izobhekana neBucs ngemuva kwezinyanga ezine la maqembu edlale owamanqamu weNedbank Cup. 

Kulowo mdlalo kuwine iPirates ngo 2-1 yize iSekhukhune yake yahamba phambili ngo 1-0.

FUNDA NALA: UHappy Jele ucacisa ngekusasa lakhe kwiRoyal AM

Akungabazeki ukuthi uBrandon Truter nezakhe bazobe befuna ukuziphindiselela, bayiwashise ijezi iPirates kwiMTN8. Umdlalo use-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.