Kusaxabene ubendle ngelizodlala eyokuhlunga kwi-ABC Motsepe e-Eastern Cape
PHILI HLONGWANE
Akukacaci namanje e-Eastern Cape ukuthi yiliphi iqembu elizodlala imidlalo yokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe League, eqala ngoMsombuluko.
Amaqembu amabili agqigqisana enkantolo yiSinenkani neFC Ravens. Njengoba kulindeleke ukuthi lisuke lihlale emidlalweni yokuhlunga ngoMsombuluko, la maqembu abesenkantolo ngoLwesine kanti icala lihlehliselwe uJuni 18 (ngoLwesibili).
Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngoMsombuluko yiholide ngakho inkantolo ibingeke ikwazi ukuhlala.
Nokho ngemuva kwalesi sinqumo senkantolo abammeli bamaqembu womabili, nomele iSouth African Football Association (Safa), babambe umhlangano. Kulo mhlangano bavumelane ngokuthi amaqembu awabuyele enkundleni ayodlala imizuzu engu-45 esele emdlalweni. Umdlalo kumele ube ngoMgqibelo (Juni15) ntambama.
La maqembu adlala umdlalo wangaphela ngoba kwakukhona ukusolana ngomuthi. Ngesikhathi kusuka isiphithiphithi kwakuhamba phambili iRavens ngo 1-0.
Kuvela ukuthi iRavens ikuphikisile ukuthi bavumelene ngokuthi bazobuyela enkundleni. Impempe izamile ukuxhumana nabaphathi baleli qembu kodwa bangazibamba izingcingo.
ISafa ikhiphe incwadi iqinisekisa ukuthi umdlalo uzodlalwa ngoJuni 15, ngo-2 ntambama. Ozonqoba lo mdlalo kuzomele ayobhekana neHighbury ukuze kuphume iqembu elizoya kweyokuhlunga.
NgoMsombuluko, iqembu lase-Eastern Cape kulindeleke ukuthi libhekane neMangaung United FC ngo-12 emini. Akwaziwa noma kuzobe sekuhlalukile yini ukuthi yilona liphi elizobe likhona uma le midlalo isiqala.
Le midlalo izodlalelwa e-Upington, eNorthern Cape, kusuka ngoMsombuluko ize isongwe ngeSonto. Amaqembu amabili azodlala kowamanqamu yiwona azokhuphukela kwiMotsepe Foundation Championship.