EzakamuvaIbhola

Kuxoshwe isikhulu esigxeke uKhama Billiat 

Amandla kaKhama Billiat ahlale obala eZimbabwe kuxoshwa iphini likasihlalo kwiDynamos edlala esigabeni esiphezulu sebhola eZimbabwe. 

UVincent Chawonza uxoshwe kulandela ukukhwela sidilike kuKhama Billiat, emsola ngobuxoki nokuthi ulalela abantu abadlala ngaye.

Lesi sikhulu besicikwe wukuthi lo mdlali ubabambise udonga, wabashaya ngethembisa yokuthi uzosayina kubo, kodwa wajika ekugcineni.

UKhama Billiat ugcine esayine kwiYadah FC eyizimbangi ezinkulu zeDynamos, washiya kukhalwa kuleli qembu. 

“Abantu abasondele noKhama Billiat, yibo abambhayizisayo,” ucashunwe esho kanje uChiwonza kwiSoccer24 yaseZimbabwe. 

“Ngicabanga ukuthi kumele kusolwe abamphethe ngezinqumo zakhe kusukela kwesokudikila kwiKaizer Chiefs. 

“Kwakungamele kwakhona ukuthi ngabe washiya kwiKaizer Chiefs.

“Simbekele okufanayo neYadah kodwa yona isheshile futhi yamxhopha ngokumnika imali engukheshi ngoLwesibili uma efika kubo. 

“Ngicabanga ukuthi ulalela kakhulu labantu abaseduze naye abamhlomekisayo. 

“Njengomdlali (onamava), kunezinqumo azenzile ebengingazilindele kumuntu ofana naye. 

“Kodwa konke lokho kukhomba kwabamphethe ngoba kuyacaca ukuthi bamholela ophathe. 

“Uyena owasisukela waqala izingxoxo nathi ngesikhathi sisemngcwabeni kaGeorge Chigova. 

“Nathi sibe sesazisa umqeqeshi wethu ngaye. Konke bekuhamba kahle kuze kube kujika yonke into ngoLwesibili,” kuchaza uChiwonza. 

Le nkulumo yakhe imfake enkingeni kwiDynamos ebe seyinquma ukumxosha ngoba bemsola ngokungcolisa igama leqembu. 

Ukuthi uzophelelaphi uBilliat bekuyinto esematheni kusukela anquma ukushiya engavalelisile kwiChiefs ngoJulayi. 

Lo mdlali wayengenelisekile ngenkontileka entsha iChiefs eyayifuna ukumnika yona. 

Kukholakala ukuthi wayehliselwe imali azoyihola uma eqhubeka nokuhlala kuleli qembu laseNaturena.