EzakamuvaIBetway Premiership

UDa Cruz uthembisa abalandeli beChiefs injabulo nendebe

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, uthembisa ukuthi iqembu lizokwenza kunesizini edlule futhi bazolwela zonke izindebe abazozidlalela.

Njengamanje Amakhosi aseSpain lapho elungiselela isizini entsha. IChiefs ibambane ngo 1-1 neRangers FC yaseScotland, emdlalweni wokuqala wokungcweka, ngeSonto.

UDa Cruz uke wathi qu kwiChiefs ngo-2004 futhi wesese ngokubuya athathe izintambo kuleli qembu.

“Ngemukelwe ngemfudumalo enkulu, okuyinto engiyijabulelayo,” kusho uDa Cruz kwi-website yeChiefs.

“Ngawujabulela umsebenzi wami, nabantu baseNaturena, ngakho ngijabule ukubuyela kuleli qembu elikhulu.

“I-Kaizer Chiefs Village, eNaturena, inazo zonke izinsiza ezidingekayo ukwenza umsebenzi.

“Isesimeni esihle kakhulu, inkundla, indawo yokujima nokunye. Nginomuzwa omuhle ngayo.”

Lo mqeqeshi waseFrance uyakucacisa ukuthi ufuna ukuzuza izinto ezinkulu neqembu laseNaturena.

“Ngiyabonga kakhulu kusihlalo uKaizer Motaung, neSporting Director, uKaizer Motaung Jr, ngokungethemba. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ngenza umsebenzi omuhle,” kuqhuba uDa Cruz.

“Ngizinikele ngokuphelele kwiKaizer Chiefs. Ngiyazi ngisebenzela iqembu elikhulu ezweni, elinabalandeli abaningi e-Afrika, hhayi kuphela eNingizimu Afrika.

“Ngifuna siqale isizini kahle ukuze sinike izigidi zabalandeli bethu umuzwa omnandi, ngoba kubafanele lokho. Sifuna ukuba nesizini enhle futhi silwele isicoco.

Emdlalweni olandelayo wokungcweka iChiefs izodlala ne-Al Kholood edlala kwiSaudi Pro-League, ngoLwesithathu.

Izobe seyivala imidlalo yalolu hambo ngokubhekana ne-Elch, edlala kwiSpanish La Liga, ngoMgqibelo.

UDa Cruz uzwakalise ukubaluleka kwabalandeli baMakhosi, wabanxenxa ukuthi babe yingxenye yohambo abazoluthatha.

“Ngethemba ukuthi bonke abalandeli bazoleseka iqembu, basisize ukuthi sibe nesizini enhle.

“Sizozama ngakho konke okusemandleni ukunqoba indebe futhi sidinga abalandeli bethu ukuthi basisize lokho kwenzeke.”

IChiefs izovula imidlalo yeBetway Premiership ngokutholana phezulu neKruger United, eMbombela Stadium, ngo-Agasti 1.