EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

U-Ayanda Dlamini uxolisa ngomphumela ongase umqedele ispani

By Njabulo Shezi

Kusinda kwehlela ku-Ayanda Dlamini futhi kubukeka esemancane amathuba okuthi awunikwe ngokugcwele umsebenzi wokuqeqesha AmaZulu FC. 

Leli qembu libhaxabulwe kabuhlungu yi-Orlando Pirates lisekhaya emdlalweni walo wokugcina kwiDStv Premiership kule sizini. 

IPirates ivuke indlobane kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ntambama, yabukisa ngawo AmaZulu. 

Akubanga nje wukuthi angenelwe amagoli amaningi kulo mdlalo, kodwa nebhola elidlalwe yiqembu aligculisanga. 

U-Ayanda Dlamini ubebambile kulesi sikhundla kulandela ukumiswa kukaRomain Folz kanti ubebekelwe umbandela wokuthi aziveze ukuthi umfanele yini lo msebenzi. 

Kodwa njengoba ewine kanye nje kuphela, akusacaci kahle. Uxolisileke nokho ngalo mphumela wePirates, wathi akusolwe yena njengomqeqeshi. 

“Siphoxekile ngendlela okwenzeke ngayo. Ukuthi sesingaze sidliwe ngendlela enjengalena emdlalweni wokugcina ekhaya,” kusho u-Ayanda Dlamini. 

“Ngeke ngikhulume kakhulu ngoba ngicabanga ukuthi lena yinto esazohlalela phansi kucace ukuthi kwenzakalani ngesizini ezayo. 

“Kodwa engingakugcizelela wukuthi umphumela wanamuhla usiphathe kabi futhi uyihlazo ikakhulukazi kubalandeli ebebephume bezoseseka. 

“Kade bewa bevuka neqembu isizini yonke ukuthi sekungathi isizini iphela nje kube nehlazo elinje. 

“Mina njengomqeqeshi ngiyaxolisa kakhulu ngoba kumele ngithwale izinto ezinjena,” kusho u-Ayanda Dlamini. 

AmaZulu aqede isizini engabonwa ezindaweni ayebekelwe ukuba aqede kuzo ngabaphathi beqembu. Abebekelwe ukuqeda emaqenjini amane aphezulu. 

Nokho aqede endaweni ka-12 enamaphuzu angu-33 nje kuphela. Ahlukaniswe amane neMarumo Gallants edliwe yizembe. 

FUNDA NALA: UJose Riveiro uphawula ngoRatomo, uveza nesifiso ngesicoco seligi

Kodwa ke mhlawumbe nabaphathi kuyomele babuye bazinuke bona amakhwapha ngokushintshashintsha abaqeqeshi. 

Isizini iqalwe uBrandon Truter, kodwa wachithwa qede kwalandwa uRomain Folz. 

Naye ubuye wasuswa nengoba kuphele isizini sekungu-Ayanda Dlamini nje oqeqeshayo.