EzakamuvaIbhola

‘Akakaxolisi,’ kusho uSukazi ngoweDowns ophule uParker

SIHLE NGUBO

Usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi usekuqinisekisile ukuthi uBongani Zungu akakaxolisi futhi akekho oweMamelodi Sundowns oseke waxhumana nabo ngokulinyazwa kanzima kukaBernard Parker. 

Ubekhuluma kwi-Radio 2000 ngesimo sikaBernard Parker ophulwe uZungu emdlalweni weCarling Knockout ngoLwesithathu ebusuku. 

Kulo mdlalo iSundowns igcine iguqe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 emizuzwini engu-120.

UParker ubesesibhedlela ngoLwesine eyohlinzwa ukuze kubuyiselwe kahle amathambo ephukile, aqondaniswe. 

UZungu akaxolisanga ngemuva kokwephula uParker kunalokho uyena obelwa ngemuva kokuthola ikhadi elibomvu. 

NoRulani Mokwena akayiphathanga ekaParker esekhuluma noPhumlani Msibi weSuperSport TV ngemuva komdlalo.

Nangesikhathi esekhuluma nabezindaba, uMokwena ushaye ngamafuphi, wathi uZungu ubengaqondile ukwenza okubi. Kodwa akazange axolise. 

Kuzoqapheleka nokho ukuthi iSundowns ivuke ngoLwesine ekuseni yabamba indiza ilibangise e-Angola la iyodlala khona kwiCaf African Football League. 

“UBongani Zungu akakaxolisi. Angikezwa lutho nje mayelana nalokho,” kusho uSukazi. 

“Ngisho neqembu lakhe alikaze lizame ukuxhumana nathi. Kodwa ke asikho lapho, sigxile ekwesekeni uParker sibone ukuthi unquma ukuqhubeka nokudlala ibhola noma cha. 

“UParker umdlali obalulekile ebholeni laseNingizimu Afrika futhi uzohlala enekhaya kwiTS Galaxy.”

UParker kusatshwa ukuthi ngeke esekwazi ukudlala ibhola elikhokhelayo ngoba uphuka nje useneminyaka engu-37. 

FUNDA NALA: UZungu akanalo unya, ubengahlosile okubi kuParker

Kuyaziwa ukuthi ayaphuza ukuhluma amathambo uma usukule minyaka akuyo uDie Hond.