EzakamuvaIbhola

URiveiro ucasha ngesithupha ngomjiko wabePirates

Njabulo Shezi

Akathandanga ukuphumela obala umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uma ebuzwa ngomjiko odlalwe ezakhe ngoLwesihlanu. 

Ngesikhathi iPirates seyihamba phambili ngo 3-0 emdlalweni wokuhlunga weCaf Champions League, abadlali baqalile baleqa ibhola, bekhombisa amakhono omjiko. 

Ngokuvamisile abaqeqeshi baphesheya iyabacika leyonto bese begcina bengabadlalisi abadlali abenza leyonto. 

“Noma ngingaphendula ngithini ngalento, kuzoba yisihloko esihamba phambili ngakho kunzima,” usho kanje uRiveiro ebuzwa ngalokhu. 

“Ngiyisifiki lapha. Ngiqonde ukuthi… Lento (umjiko) iyisiko ngandlela thize (ebholeni lakuleli). 

“Ngicabanga ukuthi noma yini ezosiza ukuthi ube sethubeni elingcono, ukwazi ukudlula kubadlali bezimbangi ilungile. 

“Umjiko mubi uma siwenzela ubumnandi nje kuphela, ngakho angazi. Ngeke ngininike isihloko esihamba phambili ngalokhu. 

“Umjiko yinto enhle ukuyibuka ebholeni kodwa ke kumele ube nenhloso, ujika umuntu ukudlula kuye. 

“Kulungile uma kunjalo. Uma ibhola likulahlekela usathi uyajika, akukuhle ke lokho. Asifuni ukulahlekelwa yibhola nokuchitha isikhathi. 

“Indlela yethu yokudlala isayivumela ukuthi kwesinye isikhathi siwusebenzise umjiko, kokunye ayivumi. 

“Kodwa inhloso kusuke kuwukuya emapalini siyohlohla amagoli ukuze silawule umdlalo singagcini sesijikijela amabhola ebhokisini ngokungenanhloso. 

“Kodwa kokunye ke sigcina sesidlala umjiko kakhulu, okwehlisa isivinini somdlalo, yileyo inkinga.”

IPirates igcine inqobe ngo 4-0 sekuhlanganiswe imiphumela. Izobhekana neJwaneng Galaxy yaseBotswana emzuliswaneni olandelayo. 

FUNDA NALA: Sekumele sibambe umgqigqo, kusho iqhawe leChiefs uPule Mmodi

Leli qembu laseBotswana liqeqeshwa umqeqeshi wakuleli uMorena Ramoreboli obebambe kwiBafana Bafana ngesikhathi seCosafa Cup.