Kubuya oSokhela ebholeni, bazothenga eleDStv Prem
Basezinhlelweni zokubuyela kwiDStv Premiership abakwaSokhela, oPatrick nendodana yakhe uLunga abake baphatha AmaZulu FC phambilini.
OSokhela badayisele uSandile Zungu Usuthu eminyakeni embalwa edlule ngoba izindleko zeqembu sezithanda ukubasinda.
Kodwa sekufike ezindlebeni zozulazayithole beMpempe ukuthi sebehlela ukubuyela ebholeni.
Sivele sake sabika nangonyaka odlule ngesikhathi bezama ukuthenga iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League.
Kodwa manje sesithole ukuthi babuye babona ukuthi lokho kuzothatha kude futhi kubadle nemali eningi ngaphambi kokubuyela kwiPremiership.
“Kumanje bayaxoxa naleli qembu abafuna ukulithatha libe ngaphansi kwabo,” kusho umthombo osondelene nabakwaSokhela icele singawudaluli.
Uthe iqembu abazobuya ngalo abakwaSokhela yiRichards Bay kaSifiso “Jomo” Biyela.
Kuvele kuyaziwa ukuthi leli qembu lidonsa kanzima ezimalini futhi uBiyela uke wasikaza ukulidayisa ngaphambi kokuqala kwesizini.
“Babecabanga ukuqala phansi ezigabeni eziphansi, kodwa ngenxa yepolitiki nezigemegeme zezigaba zeSafa, babona kungcono bavele babuyele phezulu.
“Izingxoxo sezisezingeni eliphezulu impela futhi kungenzeka ukuthi sekuvele kudayiselwene kumanje.
“Nokho lokho sekungaze kumenyezelwe ekupheleni kwesizini sekuzobhaliswa kahle nakwiPSL ukuthi sekukhona abaphathi abasha.”
Lo mthombo uthe awunaso isiqiniseko sokuthi bazolishintsha yini igama leqembu noma bazoqhubeka naleli elisebenzisayo njengamanje.
Uthe kodwa kungenzeka babuyise iZulu Royals okuyinto engasusa umbango omkhulu naMaZulu njengoba nawo ake alisebenzisa leli gama.
FUNDA NALA: Ikhuza ibhadi imenenja ngokuthiwa usayine kwiBucs
“Mhlawumbe lokho kungadala umbango omuhle emaqenjini aseThekwini, kugcine kunomdlalo womkhaya ozolandla kulo waseSoweto.”

