EzakamuvaIbhola

Limthethile u-Arthur Zwane, usazoqhubeka nomsebenzi

By Sbongs Gumbi

U-Arthur Zwane usazoqhubeka nokuba ngumqeqeshi kwiKaizer Chiefs nangesizini ezayo. 

Lokhu kuhlaluke emhlanganweni ophuthumayo weqembu obungoLwesithathu emini ekomkhulu laleli qembu eNaturena. 

Yize imininingwane eminingi ngalo mhlangano ingakatholakali, kodwa Impempe seyingakuveza ukuthi kuvunyelwene ngokuythi u-Arthur Zwane aqhubeke nomsebenzi. 

Umthombo wethu osondelene naleli qembu uthe kube wumhlangano omude la kukhishilwane khona izifuba. 

Afufunanga ke ukuchaza okuningi kodwa wavele wathi nje, “usaphephile (umsebenzi wakhe).”

Lo mhlangan bewubizwe wusihlalo weqembu uKaizer Motaung senior kulandela ukuphela kwenye isizini ebe yihlazi kwiChiefs. 

Ngaphansi kuka-Arthur Zwane izinto azibanga zinhle njengoba kube namarekhodi amabi aqoshwa yiqembu. 

Bekungokokuqala kule sizini iChiefs ihlulwa emidlalweni engu-12 kwiDStv Premiership ngesizini eyodwa. 

Ngemuva komdlalo wangempelasonto, la iChiefs iguqiswe khona yiCape Town City,  kuthiwa uMotaung senior wayecasuke ethelwa ngamanzi. 

Kuthiwa wayekhala ikakhulukazi ngebhoa elifile elidlalwa yileli qembu, wathi kumele kube khona okwenzekayo. 

Baningi ke nabalandeli abebenganeme ngoMangethe bethi ake ashiye bese kunikwa umqeqeshi onamava ithuba. 

Bese kuke kwavela nokuthi iChiefs isicuthise ngoManqoba Mngqithi ukuthi uma ededelwa kwiMamelodi Sundowns izothatha yena.

FUNDA NALA: Uzijabulele izicoco, kodwa uMiguel Timm ufuna kakhulu eseligi

Kodwa ke kubukeka sengathi okwamanje nguye umfokaZwane osazoqhubeka nomsebenzi wakhe.

UZwane ubevele ke eshilo ngemuva komdlalo wangempelasonto ukuthi yena akakhathazekile ngomsebenzi wakhe, useahe ukuqala amalungiselelo esizini ezayo.

Lolu wudaba oluqhubekayo kanti uma kukhona okunye sikutholayo sizokubikela ngakho.