UComitis uvuma eyothando analo ngoKhama Billiat
AFRED NGUBANE
UJohn Comitis, ongusihlalo weCape Town City, usephumele obala ngesifiso sakhe ngoKhama Billiat ojika nelanga njengoba engenaqembu nje.
Ekhuluma neMpempe ngoMsombuluko, uComitis ukuqinisekisile ukuthi basezinhlelweni zokusayina lo mdlali, wathi kodwa konke kuzocaca mazude.
Uthe basazohlala badingide lolu daba lukaBilliat, kodwa kuyoshaya uLwesithathu sekucacile ukuthi kwenzakalani.
“Khona nginayo intshisekelo yokumbuyisa lo mdlali eqenjini. Kumanje siyaxhumana naye futhi sinabo ubudlelwano obuhle naye,” kusho uComitis.
Uthe nguye owaletha lo mdlali kuleli ngesikhathi esakwi-Ajax Cape Town futhi umazi ukusuka nokuhlala.
Ubudlelwano bukaBilliat noComities budala kakhulu njengoba baqala kwi-Ajax ngaphambi kokuthi adlulele emaqenjini aseGauteng iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.
Ugcine ukudlala kwiChiefs ayishiye ngoJuni kulandela ukuphela kwenkontileka abenayo kuyo.
Impempe like yabika phambilini ukuthi uBilliat usethole ikhaya elisha kwiZamalek SC yase-Egypt.
Kodwa kubuye kwavela futhi sakubika ukuthi izinto zibuye zabhimba uma leli qembu lithola ukuthi unesenyelo esingakapholi kahle.
FUNDA NALA: URiveiro uzoba yisikhukhukazi kubadlali bakhe kwiBucs
ICity ifuna uBilliat nje, isanda kubuyisa noLebogang Manyama oseyiphini lo mqeqeshi njengoba esewabeke ethala amakhokho ngenxa yokulimala.