Uzijabulele izicoco, kodwa uMiguel Timm ufuna kakhulu eseligi
By Sbongs Gumbi
UMigeul Timm akakufihli ukuthi yize i-Orlando Pirates inaso isicoco futhi ingase iqede isizini sezimbili, kodwa ukudedela iMamelodi Sundowns izihambele kalula neseligi akumphathi kahle.
ISundowns iziwinele kalula nje isicoco seDStv Premiership futhi ishiye iPirates elale isibili kwilogi ngamaphuzu angu-16 wonke.
Lokhu, ngokubona kukaMiguel Timm yihlazo futhi akumele ngabe kwenzekile. Yingakho ethembisa ukuthi ngesizini ezayo nabo bazosilwela lesi sicoco.
“Yize ngijabule ngokuthi sikwazile ukungena kwiChampions League, enye yezint ebesizibekele zona wukuthi silwele isicoco seligi.
“Kodwa ke sesizothatha okuhle esikwenzile sakhele phezu kwakho ngokuzayo,” usho kanje lo mdlali kuleli viki.
“Sizosilwela ngesizini ezayo. Angisho ukuthi aseneme ngokuba kweyamanqamu kabili, kodwa singakwazi ukudlula kulokhu.”
IPirates seyivele inendebe yeMTN8 ekhabetheni kanti isangakwazi ukwengeza ngeyeNedbank Cup uma ingashaya iSekhukhune United kowamanqamu ngoMgqibelo.
Lamaqembu azogadulisana kuthule umoya eLoftus Versfeld ePitori la kuzophuma khona umpetha wale ndebe ehamba nesheke likaR7-million.
UMiguel Timm uthi lokhu kulamba abebenakho bewina iMTN8 namanje kusekhona. Kumele ngivume ukuthi kuyinto ewayelekayo bes eingayekeki.
“Seyiphenduke isihlava esihle ekhempini yethu. Sesiwubheke ngabomvu lo mdlalo wangempelasonto futhi sinethemba lokuthi yithi esizoqukula indebe.”
Lo mdlali ufike kwiPirates esuka kwiMarumo Gallants le esidliwe yizembe kanti usengomunye wabadlali abamqoka kulezi zinkunzi zaseSoweto.
FUNDA NALA: Ibe yimpumelelo enkulu kwi-Orlando Pirates le sizini
Uma engumqemane futhi engamisiwe ngenxa yamakhadi, akasali eqenjini eliqala imidlalo likaJose Riveiro.
Ungomunye wabadlali abaqokele indondo yomdlali ovelele kulo mqhudelwano nakwiMTN8.