EzakamuvaIbhola

Ushwabulele uMpengesi ngokumxosha uLehlohonolo Seema

By Sbongs Gumbi

Uthi sekoba nguMdali omsizayo athole ithuba kwenye indawo uLehlohonolo Seema ngemuva kokuxoshwa kwiChippa United. 

Usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi ukuqinisekise kuleli viki ukuthi uLehlohonolo Seema ngeke aqhubeke nokuqeqesha leli qembu lakhe. 

Uthe ubevele elandelwe ukuzobamba isikhashana futhi sebeqalile ukuthungatha umqeqeshi omusha. 

“Ngeke siqhubeke noSeema. Uhlelo bekuwukuthi uzobamba izintambo kuze kube umdlalo wokugcina wesizini, akukho obekungale kwalokho. 

“Njengamanje ngimatasa ngithungatha umqeqeshi omusha,” usho kanje uMpengesi ngasekuqaleni kweviki.

Kwenzeka lokhu nje uLehlohonolo Seema uwenze ngempumelelo umsebenzi wokuhlenga leli qembu ezembeni.

Ekhuluma nabeFar Post, lo mqeqeshi odabuka eLesotho uthe indlela uMpengesi apatha ngayo abangtu ayiyinhle neze futhi uyozisola ngelinye ilanga.

“Kuyiqiniso impela ukuthi angisekho kwiChippa United, nawe uyamazi ke usihlalo ukuthi usebenza kanjani. 

“UMdali uzongivulela elinye ithuba mina. Ngelinye ilanga usihlalo (uMpengesi) uyozisola ngalento ayenza kwabanye abantu,” usho kanje uSeema. 

Akuyena ke owokuqala uLehlohonolo Seema ukushwabulela uMpengesi. NoVladisla Heric wakhala esifanayo eminyakeni embalwa edlule. 

Yena wayekade exoshwe esejimini, wabona sekufika imoto nomunye umqeqeshi, yena kwathiwa uyadingeka ehhovisi. 

Kwathi uma efika khona watshelwa ukuthi akahambe ayoqoqa izimpahla zakhe endlini yeqembu ayehlaliswe kuyo, bese eshiya isikhiye.

FUNDA NALA: Limthethile u-Arthur Zwane, usazoqhubeka nomsebenzi

Okwamangaza ke kodwa ngoHeric ukuthi wabuye waphindela futhi kuleli qembu yize ayekade efungile ukuthi ngeke aphinde. 

Kwamphinda ke lokho, wakhonjwa indlela ngendlela engakhombisi ukumhlonipha njengoba kwenzeke nakuSeema nje.