Igesund: UCijimpi uzolusa kude Usuthu uma esekwa abaphathi
Alfred Ngubane
UGordon Igesund uncoma ubuhlakani abubona kumqeqeshi waMaZulu FC uPablo Martin owaqanjwa elikaCijimpi efika kuleli.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi u-Igesund akulona ivukane ebholeni lakuleli njengoba anqoba izicoco zeligi amahlandla amane anamaqembu ehlukene.
Useke wasebenza nakwiBafana Bafana futhi ungomunye wabaqeqeshi abahlonishwa ebholeni lakuleli.
“Ngiyibonile imidlalo yaMaZulu FC, kanti ngimbona engumqeqeshi olaziyo ibhola,” kusho i-Igesund owake waluciaj naye Usuthu.
“AmaZulu athole umqeqeshi omuhle kakhulu njengoba uyawazi umsebenzi wakhe awusukele kubo eSpain.”
Yize elibona ikhono lalo msebenzi kucijimpi, uthi impumelelo yakhe izoncika kakhulu ekutheni abaphathi beqembu bameseke.
“Ngicabanga ukuthi uma ngabe bezomnika abadlali abadingayo, uzowenza kahle kakhulu umsebenzi.
“Kuzodingeka ukuthi uSandile Zungu asukume ngezinyawo zombili ukusebenzisana nalo mqeqeshi.
“Kuningi abazokufunda kulo mqeqeshi njengoba uyabonakala ukuthi khona into enhle futhi ehlukile ayifake kubadlali baMaZulu.
“Kumanje uyabona ukuthi banakho ukuzithemba manje,” kuchaza lo mqeqeshi owanqoba iligi ne-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns phakathi kwamanye amaqembu.
U-Igesund uncome nokuthi amaqembu aselanda abaqeqeshi abawaziyo umsebenzi uma ephumele ngaphandle kwakuleli.
Uthi abaqeqeshi abafana noCijimpi bazolikhulisa ibhola lakuleli ngoba bafika nokuhlukile okuzokhulisa abadlali.
“Sidinga abaqeqeshi abaphuma ngaphandle abanolwazi olunzulu kakhulu abazolunhlanganisa nebhola lethu.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba lula ukusebenza kuyena ngenxa yokuthi ibhola lakuleli liyefana nalaseSpain,” kusho u-Igesund.
Ngaphansi kukaCijimpi, AmaZulu asadlale imidlalo eyisikhombisa, anqoba emibili, adlala ngokulingana kwemine, ahlulwa kowodwa.
FUNDA NALA: URamoreboli akayisabi nhlobo iPirates, uhlose ukuyigila
Asendaweni yesishiyagalombili kwilogi. Abuyela enkundleni ngoLwesihlanu njengoba ezobhakana neMoroka Swallows eDobsonville Stadium.