EzakamuvaIbhola

‘UKhanye noMahlangu abazona izinkakha zeChiefs’

Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uLinda “Mercedes Benz” Buthelezi, uthi uJunior Khanye noJabu Mahlangu akumele nakancane babiziwe ngezinkakha zaleli qembu laseNaturena.

Kunokuphikisana ngokuthi yibaphi abadlali okumele babizwe ngezinkakha eNingizimu Afrika. Umkhuba osukhona owokuthi bonke abadlali abake bazimbandakanya nonobhutshuzwayo babizwa ngezinkakha.

Nokho uButhelezi uyawuhlaba kakhulu lo mkhuba osudume kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

“Inkinga iqale uma abezindaba sebebiza bonke ababedlala ibhola ngezinkakha,” kusho uButhelezi kwiKickOff.

“ENingizimu Afrika ushaya igoli elilodwa kwiNdebe yoMhlaba bese ubizwe ngenkakha. Ngebhadi iKaizer Chiefs ayikaze ikhiqize enye inkakha ngemuva kwesizukulwane sikaDoctor Khumalo. Uyena yedwa umdlali engimaziyo okumfanele ukubizwa ngenkakha.

UKhanye ubengekho ngesikhathi iChiefs ibhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni wezinkakha eToyota Free State Stadium ngeSonto. Lo mdlalo ububhulela amazolo oweChiefs neYoung Africans yaseTanzania, lapho Amakhosi ebhaxabulwe khona yiYanga ngo 4-0, yaqukula iToyota Cup. Nokho uMahlangu ubekhona.

“Ngemuva kwakhe (uKhumalo) iChiefs ayizange ibe nayo enye inkakha. Uyena yedwa inkakha engiyaziyo mina. Ngeke ungitshele ukuthi uJabu Pule (osebizwa ngoMahlangu) noJunior Khanye bayizinkakha,” kuqhuba uButhelezi.

“Baphakathi kwabadlali abahle ababethembisa ukuthi bangagcina beyizinkakha kodwa bamosha yonke into. UJabu ungomunye wabadlali abancane abasezingeni eliphezulu ukugqoka ijezi leChiefs kodwa ngeke umbize ngenkakha.

“Inkakha umuntu owaziphatha kahle ngesikhathi edlala ibhola kodwa eNingizimu Afrika sibiza noma ubani ngenkakha.”