EzakamuvaIbhola

UMngqithi akamthembisi isikimu kalula kwiDowns uRayners

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthi umgadli omusha u-Iqraam Rayners ngeke avele athole isikimu kalula ngoba lokho kungadala ukungezwani phakathi kwabadlali.

URayners, obizwa njalo kwiBafana Bafana, usayine kuBafana Ba’Style esuka kwiStellebosch FC njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali. 

Lo mdlali ushaye into ecokeme kwiStellies ngesizini edlule njengoba ebebanga umklomelo womgadli onamagoli amaningi ogcine utholwe uTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates.

“Ithanda ukungabi lula leyo, kumele ngikhulume iqiniso, ngoba awufuni ukumdidisa nokumfakela ingcindezi,” kusho uMngqithi.

“Kubalulekile ukuthi siyiphathe kahle indaba yakhe yokufika nokungena eqenjini. Ingaliphazamisa iqembu lethu ngoba ngesinye isikhathi njengabaqeshi sibuye singanaki ukuthi yini ebesinayo ngaphambi kokuthi kufike abanye abadlali. Lokho kungadala izinkinga eqenjini.”

Njengamanje inkinga okumele abhekane nayo uMngqithi ukuthi anqobe imidlalo ezoza ilekenyana njengoba iqembu lidlala nakwiCaf Champions League. ISundowns isanda kukhishwa yiStellenbosch FC kweyandulela owamanqamu weMTN8.

“Ngiyakholwa ukuthi uma udlalisa umdlali onjengo-Iqraam yingoba ufuna engeze kulokho onakho. Kodwa akukona esikufunayo ukuthi sisuse abantu abathile eqenjini,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Kuba kubi kakhulu uma ekuqaleni kwesizini ningazange niwashaye amagoli, manje sewufuna ukusebenzisa abadlali abathile ngokugudluza abanye abadlali.

“Akekho ofuna ukumbulala – ufuna wonke umuntu ahlale ekholwa ukuthi unalo ithuba lapha. Uma uvele unika ithuba u-Iqraam ngaphandle kokulijulukela, kungakhinyabeza abanye abadlali baqale bacabange ukuthi isikhathi sabo siphelile eqenjini.”

ISundowns izokwamukela iMbabane Swallows emdlalweni womlenze wokuqala weCaf Champions League, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.