Luqale phansi uthando lwe-Al Ahly ngesibabuli seDowns
SIHLE NGUBO
Izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly, seziyiqale kabusha eyokweshela umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uTeboho Mokoena.
Leli qembu kuke kwavela phambilini ukuthi liyamcathamela uMokoena kodwa leyo yagqitshwa ukuthi lo mdlali ubefunwa nangamaqembu ase-Europe. UMokoena unenkontileka ephela ngoJuni 2026 neSundowns.
Umthombo weMpempe othembekile uthe i-Al Ahly izimisele ngokushaya iphakethe ukuze ithole uMokoena oshaya into ethuli esiswini.
“ISundowns isho imali enkulu (izigidi) ngalo mdlali, ukuthi ingamdedela uma i-Al Ahly iyikhipha,” kusho umthombo weMpempe ongashayi phansi.
“Nokho i-Al Ahly ivele yayedlula le mali ebishiwo yiSundowns, yathi yona ingakhipha engaphezulu kwaleyo inqobo nje uma bezomdedela lo mdlali.”
UMokoena udlale kahle kakhulu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) nonyaka, lapho ebegqoke khona imibala yeBafana Bafana. Ngemuva kwalokho kube nemibiko yokuthi maningi kakhulu amaqembu abemfuna.
UPitso Mosimane, owayecija iSundowns, usanda kuveza ukuthi angathanda ukweluleka lo mdlali ngokuthi iyiphi iligi okumele aye kuyona ukuze ibhola lakhe likhule. UMosimane uke wayicija i-Al Ahly kodwa akwaziwa noma angameluleka yini ukuthi uMokoena aye e-Egypt.
Uma egcina eyile kuleli qembu, uMokoena angazithola edlala noPercy Tau, oke wayibamba kwiSundowns ngaphambi kokuya phesheya. UTau ujoyine i-Al Ahly esuka kwiBrighton & Hove Albion yase-England, elandwa uyena uMosimane.