EzakamuvaiNedbank Cup

Unqabile uBrandon Truter ukuphawula ngephenathi yePirates

By Sbongs Gumbi

Uvele wathi akafuni kube ngathi ukhulunyiswa wukuqaqamba kwenhliziyo uBrandon Truter ngesikhathi ebuzwa ngephenathi enikwe i-Orlando Pirates kowamanqamu kwiNedbank Cup. 

IPirates ihlule iSekhukhune United ecijwa nguye uBrandon Truter ngo 2-1 emdlalweni obushubile eLoftus Versfeld ngoMgqibelo kusihlwa. 

Igoli lokuqala lePirates libe yiphenathi okusazokhulunywa kakhulu ngayo ngenxa yendlela edaleke ngayo eshiye imibuzo. 

Abanye bathi uThembinkosi Lorch ulishayise esandleni somdlali obelele phansi ngamabomu ibhola. 

Abanye bathi lo mdlali, uVictor Letsoalo, nguye olule isandla wayothinta ibhola. Kodwa ke noma ngabe uLorch ulishayise ngabomu noma uLetsoalo ogangile, unompempe uyibize emlotheni. 

Kube sekuphakama uTapelo Xoki wayinamathisela enethini kwaba ngu 1-1. ISekhukhune beyilishaye kuqala igoli ngonyawo lukaSibusiso Vilakazi. 

“Cha. Ngeke ngiphawule,” usho kanje uBrandon Truter ebuzwa ngale phenathi ngemua komdlalo. 

“Ngicabanga ukuthi kunesiqembu (se-Extra Time kwiSuperSport TV) emasontweni ambalwa edlule la u-Ace (Ncobo) akhuluma khona kanti namanje sisayidingida leyo. 

“Ziyenzeka izigigaba ezifana nalezo. Uma ngingangena kulokho manje, ngingazwakala njengomuntu omuncu kanti angikufuni lokho. Ngiyayibongela iPirates.” 

Okuxakayo ke wukuthi uBrandon Truter usecasha ngesithupha nje kodwa ngesikhathi ekhuluma nabeTV uveze okunye. 

Lo mqeqeshi uthe bahlulwe ngenxa yamaphutha amabili abawenzile adale ukuthi iPirates ithole amagoli. 

“Ngifuna ukubonga uMdali ngethuba bese ngincoma nabadlali ngemizamo yabo,” usho kanje lo mqeqeshi.

“Ngeke ngiphawule kakhulu ngalo mdlalo noma ezinye izinto. Uma uvuka ekuseni usuke unezinto izifisayo, bese ulala sewufunde okuthile, wazuza amava. 

FUNDA NALA: Ubonge uTerrence Dzvukamanja uRiviero enqoba indebe yesibili kwiBucs

“Ngiyayibongela iPirates. Indebe yesibili le kumqeqeshi, futhi uqokiwe ezindondweni kowokuba ngumqeqeshi wesizini, ngethemba uzowuthola. 

“Namuhla senze amaphutha amabili, salinyazwa yiwo njengoba ibhola ligcine lisenethini ngenxa yawo.”