Ngabe khona umqeqeshi ozodlelwa umsebenzi uMazinyo?
Sihle Ngubo
Ukubonakala kuka-Ernst “Mazinyo” Middendorp ngesikhathi kutholene phezulu iKaizer Chiefs naMaZulu eFNB Stadium, ngoMgqibelo, sekususe ukuqagela kubalandeli.
UMazinyo usanda kuchithwa yiqembu laseGermany abeliqeqesha. Kuthathe izinsuku ezimbalwa ukuthi abonakale eNingizimu Afrika.
Ngesikhathi kudlala Amakhosi noSuthu lo mqeqeshi ubebukeka sengathi ubebhala okuthile lapho ebehleli khona.
KwiFacebook kukhona asebebhale ukuthi uMiddendorp uzobuyela eNaturena ayoqeqesha iChiefs ngokubambisana noMolefi Ntseki.
Abanye bathi ubezobheka ukuthi isimo kuMaZulu FC sinjani njengoba Usuthu luhlulwa amagoli selokhu kuqale isizini.
UMazinyo uke waqeqesha iChiefs amahlandla amabili. Ngesizini edlule kuke kwavela ukuthi ufunwa AmaZulu ngemuva kokuhamba kukaBrandon Truter.
Nokho kugcine kuqashwe uRomain “Fohloza” Folz, ongahlalanga isikhathi eside waxoshwa.
Elinye iqembu elingenzi kahle yiCape Town Spurs ecijwa uShaun Bartlett. Leli qembu lisashaywe yonke imidlalo emine eliyidlalile.
KwiRichards Bay FC nakhona izinto azihambi kahle ngaphansi kukaKaitano Tembo.
Nalo leli qembu alikawini nowodwa umdlalo, lidlale ngokulingana kowodwa lashaya igoli lalinye.
FUNDA NALA: Kuthe dwe kuNtseki ethola iwini athi eyokwehlisa ulaka
Ngabe uzothushuka kuliphi iqembu uMazinyo? Konke kungase kuhlaluke maduze. Ungomunye wabaqeqeshi abanamava kwiligi yakuleli.