EzakamuvaIbhola

Uzoqhubeka nomsebenzi wakhe kwiSpurs uShaun BartlettĀ 

Sihle Ngubo

Omunye wabaphathi beCape Town Spurs, u-Ari Efstathiou usekuqinisekisile ukuthi bazomgcina umqeqeshi uShaun Bartlett ngesizini ezayo.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iSpurs inyukele kwiDStv Premiership kulandela ukubambana neMaritzburg United ngo 0-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku. 

Leli qembu laseKapa belidinga ukungashaywa kuphela emdlalweni wokugcina ukuze linyukele lapho kunoju khona.

“Ngijabule kakhulu ngomsebenzi owenziwe uShaun Bartlett, uNazeer Allie noClayton Daniels,ā€ kusho lesi sikhulu. 

ā€œUNazeer noClayton baqale ukudlala ibhola kithina besebancane njengoba sebesiza iqembu namuhla. UShaun Bartlett waqala ukudlala kwiSpurs eminyakeni edlule. 

ā€œNakanjani uzobe ekhona ngonyaka ozayo (esho isizini ezayo), akayi ndawo,” kuchaza u-Ari Efstathiou.

UShaun Bartlett uke walikhuphulela kwiDStv Premiership iqembu ngesikhathi ewina isicoco seligi yeNational First Division neLamontville Golden Arrows ngesizini ka-2014/2015. 

Nokho lo mqeqeshi waseKapa wakhonjwa indlela ngemuva kwalokho nokuyinto eyashiya abaningi bemangele. 

“Ngifisa ukusho ukuthi ukukhuphuka kweSpurs kuchaza ukuthi abadlali abasebancane baseKapa bazozuza lukhulu. 

ā€œNgiyajabula kakhulu ngomsebenzi owenziwe abaqeqeshi uShaun Bartlett, uCalvin Marlin noNassif Morris.Ā 

ā€œNgiyabonga nangokuzikhandla kwabadlali,” kwengeza i-Alex Efstathiou ongumnewabo ka-Ari oze wakhala ngenxa yenjabulo.

FUNDA NALA:Ā Usekhululiwe eTanzania umqeqeshi oshelwa yiChiefs

ISpurs iqede imidlalo yokuhlunga ingangenelwanga yigoli. Lokhu kwagcina ukwenziwa yiHighlands Park kweyokuhlunga ngesizini ka-2015/2016. 

Leli qembu laseKapa like lazama ukuwina imidlalo yokuhlunga ngesizini ka-2019/2020 kodwa kwangalunga.