Ele-PSL liphawula ngomdlali walo obhekene necala ‘lokubulala ingane’
SIHLE NGUBO
ISekhukhune United seyiphawulile ngomdlali wayo obe sengozini yemoto lapho kushone khona ingane eneminyaka eyisishiyalolunye, eTembisa, ngoLwesithathu.
Kuvela ukuthi lo mdlali ushayisane nemoto ebihamba owesimame nezingane zakhe ezimbili ngesikhathi kwenzeka ingozi ku-Andrew Mapheto Road, eTembisa, ekuseni ngoLwesithathu.
Ingane ishonele khona lapho, umdlali wathi galo yephuka. Amaphoyisa kuthiwa athole amabhodlela otshwala nezidakamizwa emotweni yalo mdlali.
Kuvele ukuthi, uShaune Mogaila, ubuye wazinekela emaphoyiseni ngoLwesithathu ntambama.
“ISekhukhune United ithole izindaba ezimbi ezithinta omunye wabadlali bethu uShaune Mogaila,” kusho isitatimende esithunyelwe yiqembu.
“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wengane eshonile. Imicabango yethu inalabo abalimele, sibafisela ukwelulama ngokushesha.
“Iqembu ngeke likwazi ukuphawula ukwedlula lokhu ngoba udaba selusenkantolo.”
Ingozi kuvela ukuthi yenzeke ngabo-7.30 ngoLwesithathu ekuseni kanti kusolaka ukuthi lo mdlali ubephuzule.
“Sithole amabhodlela amane otshwala, iDon Julio. Sithole okusampuphu esikholwa ukuthi yi-cocaine nensangu emotweni,” kusho uThabiso Makgato okhulumela i-Ekurhuleni Metro Police Department.
Lo mdlali uwuqalile umdlalo ngesikhathi iSekhukhune ibhekene neRichards Bay FC koweBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ebusuku. Kulo mdlalo iSekhukhune inqobe ngo 2-0.
Yize iSekhukhune idlalela imidlalo yayo yasekhaya ePolokwane kodwa iqembu lonke lihlala eGoli.