Umdlali omusha weChiefs ukitaze uMolefi Ntseki edlala kahle
Sbongs Gumbi
Uthinteke kwamancane umqeqeshiweKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki ebona ibhola elithembisayo elidallwe ngomunye wabadlali abasha baleli qembu laseSoweto.
Iqembu likaMolefi Ntseki lihlulwe ngo 1-0 yiTownship Rollers emdlalweni wokugcina wokuzilungiselela ngaphambi kokuqala kweDStv Premiership ngempelasonto ezayo.
IChiefs beyikade ihlulwe yiYoung Afircans eTanzania ngomphumela ofanayo komunye umdlalo wobungani ngempelasonto edlule.
Yize behlule kuyo yomibili imdlalo, uMolefi Ntseki ukhombe u-Edson Castillo njengomdlali ovelelile kuyona yomibili imidlalo.
UNtseki usebenzise uCastillo imizuzu engu-70 emdlalweni wobungani waseTanzania waphinde wamnika engu-45 emdlalweni wakamuva neTownship Rollers.
Umphumela walokho kube wukuthi lomdlali manike into emshiye nethemba lokuthi bathole insephe yomdlali kule nsizwa yaseVenezuela.
UNtseki ugcizelele ukuthi ukuba khona kukaCastillo esiswini kuzoletha ukuqina abakudinga kakhulu kuleli qembu.
“Ngicabanga ukuthi ungumdlali omdingayo enkundleni,” kusho uMolefi Ntskeki ngemuva komdlalo obuseNational Stadium eGaborone, eBotswana.
“Njengoba ngishilo, simdlalise imizuzu engu-70 eTanzania. Ngakho-ke namuhla, uhlelo bekuwukuba adlale imizuzu engu-45 bese sinikeza abanye ithuba.”
Ubonise ikhono elikhethekile lokuphasa, ukubona izikhala, nokusiza uma kumakw anoma kuhlaselwa okumenza abe ngumdlali wasesiswini wesimanje.
“Ngicabanga ukuthi usembulele into ebesifuan ukuyibona ngokudlala ngendlela ekhaliphile…
“Ukukhalipha kwakhe nendlela asisiza ngayo uma ephethe ibhola noma selisilahleke. Uzokwenza sibhalanse kahle esiswini.”
UNseki uzothemba lokuthi uCastillo uzoqhubeka adlale ngendlela efanayo uma sebeqala umkhankaso weDStv Premiership.
FUNDA NALA: UPablo Franco usakhala ngobuthuntu phambili kuMaZulu
IChiefs izoqala umkhankaso ngomdlalo wasekhaya ezowudlalelwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini lapho izobhekana khona neChippa United ngeSonto, lika-Agasti 6.