EzakamuvaIbhola

UKhumalo usola ukumonelana ngokungathuthuki kwabadlali kuleli

Zolani Msobo

Owayengumdlali weKaizer Chiefs uSibusiso “Mado” Khumalo uthi abadlali besimanje kufanele bayeke ukudlelana umona nokuqhudelana ngezinto ezingeke zize zibayise phambili ebholeni. 

UMado Khumalo uthi iningi labadlali bakuleli lidlelana umona, alesekani ngokweqiniso.

Uthi uma bengabambisana ngokweqiniso, bangaya kude ngebhola ngoba selikhuphuke kakhulu izinga lebhola esikhathini samanje. 

“Ngicabanga ukuthi abadlali besimanje bayamonelana futhi baqhudelana nangezinto ezingenasidingo,” kusho uMado Khumalo. 

“Uma bengagwema ukwenza lokho, bangaya ngisho ukuyodlala phesheya kwezilwandle ngoba banenhlanhla futhi nekhono baliphiwe nguMdali.” 

UMado Khumalo oneminyaka engu-33, nowakhiqizwa yiStars of Africa, wazakhela udumo ngokudlala emaqenini esingabala kuwo iMoroka Swallows, SuperSport United, Mamelodi Sundowns, Ajax Cape Town neBlack Leopards. 

Usenesipiliyoni seminyaka engaphezulu kwelishumi edlala esigabeni esikhokhelayo njengoba eseke wadlala ngisho nakwiBafana Bafana. 

Udlale naseNdebeni yoMhlaba yabafana abaneminyaka engaphansi kuka-20 eyayisingathwe e-Egypt ngo-2009. 

UKhumalo njengamanje akanaqembu adlala kulo. uthi uhlela ukuqala izifundo zokuqeqesha ngesikhathi esalindile. 

“Ngenyanga ezayo (ngoSepthemba) ngizoqala ukwenza iSafa D License. Okwamanje ngisaziqeqeshela abafanyana abasebancane ngoba akukho okuvelayo. 

“Ngenzela ukugwema ukuhlala ekhaya ngingenzi lutho,” kuchaza le nsizwa edabuka KwaMashu, eThekwini. 

Uthi yize eseqala ukungena kwezokuqeqesha, akakadeli ukudlala futhi uma kuvela iqembu elimfunayo uzolijoyina.

“Ngisanesifiso sokudlala kwiPremier Soccer League (PSL) noma kwi-ABC Motsepe League ngoba umzimba wami usangivumela. 

FUNDA NALA: Uyikhomba kubagadli inkinga yoSuthu uBongi Ntuli

“Kodwa njengoba ngisalindile, ngizobe ngisamatasa nezifundo zokuqeqesha,” kuphetha uMado Khumalo.