EzakamuvaIbhola

UChaklas nesu elingasiza iChiefs ukuthola abadlali abasezingeni

ALFRED NGUBANE

U-Abel “uChaklas” Shongwe owazakhela igama kwiKaizer Chiefs usevele nekhambi  lokuhlonza abadlali abanohlonzo abangabuyisa isithunzi saleli qembu. 

Leli nxele eladuma ngeminyaka yama-80, ladlala indima enkulu ekuletheni abadlali abanohlonzo esingabala kubo uTinashe Nengomasha, uPunch Masenamela, Onismor Bhasera no-Ennocent Mkhabela. 

“Thina esingabadlali bakudala beqembu siyabazi abadlali abadingwa yiKaizer Chiefs,” kusho uChaklas ekhuluma neMpempe.

“Leli yiqembu elikhulu okumele lihlale lincintisana namanye amaqembu. Lifana noManchester City, Bayern Munich, Liverpool, Real Madrid… 

“Ngakho kumele abaphathi basondeze abadlali bakudala eduze,” kuchaza le nsizwa edabuka eSwatini. 

Uthe iSundowns ihlezi ithola abadlali abasezingeni nje yingoba isondeze izinkakha zayo ukuthi kube yizo ezihlonza abadlali.

“Uyabona iMamelodi Sundowns yalanda abadlali bayo bakudala ukuthi kube yibo abahlwaya ikhono. 

“Umdlali ohlonzwe yilezi zinkakha uyambona ukuthi ngumdlali onohlonzo. Kulaba badlali singabala uPercy Tau, uSphelele Mkhulise noSifiso Ngobeni,” kuchaza yena. 

UChaklas uthi nakwiChiefs bengatholakala abadlali abakhaliphile uma umsebenzi wokubahlonza unganikwa abantu abadlalile eqenjini futhi abaziyo kudingekani. 

Sekuvele ke kunesikhathi kunezikhalo ngokuhluleka kweChiefs ukuthola abadlali abasezingeni kule minyaka embalwa edlule. 

FUNDA NALA: URamoreboli uveza okwenza ayishaye kalula iPirates

Isike yalanda imihlolo nje efana noGustavo Paez, Anthony Akumu noCaleb Bimenyimana phakathi kwabanye abafike bahluleka bancama kuleli qembu.