Ufuna iqembu elizomqasha umqeqeshi ‘obulawa yibhola’
By Njabulo Shezi
Umqeqeshi owaduma ngamazwi akhe nangokugxumagxume kuze kube ngathi uzoquleka usezihlalele ekhaya futhi uthi ulindele amaqembu amlande.
Lowo nguKgoloko Thobejane owazakela igama enyusa iBaroka FC eyisusa ezigabeni zeSafa waze wayifaka esigabeni esikhulu ebholeni elikhokhelayo kuleli.
Lomqeqeshi wayevele ashaye umdanso uma iqembu lakhe lishaye igoli kanti wayelenza lidlale ibhola elimnandi.
Nokho imiphumela beyibuye imphike nokwaphetha ngokuthi agcine egajiwe kuleli qembu.
Useke wazama nasemaqenjini ehlukene, ikakhulukazi ezigabeni zeSafa kodwa izinto zimphike.
Eqenjini agcine kulo ukusebenza, iSom FC edlala kwi-ABC Motsepe League eNorth West, ushiye ngoba eselandelwe iphini angalicelanga.
Ngokubika kwabeFar Post, leli qembu lilande uLebogang Mothibantwa owake wadlala kwiPirates ukuthi azosiza uThobejane.
Kulapho ke yena ashiya khona. Uthi yena ukube akaphazanyiswanga, ubezolinyusela esigabeni seMotsepe Foundation Championship leli qembu.
Kuvele ke kuyinsakavukela emaqenjini akuleli ukuthi kuthathwe izinqumo ezinqala umqeqeshi engazi lutho ngazo.
Usehleli ekhaya ke njengamanje kanti uthi uma kukhona iqembu elimdingayo kunoma yisiphi isigaba, ukulungele ukugxuma ahlale.
“Namanje ngihleli nje ngilindele ithuba elilandelayo (lokubuyela ekuqeqesheni,” ucasunwe esho kanje umqeqeshi ongomunye wabathandwayo kuleli.
FUNDA NALA: UMakaab udedela ibhomu emaqenjini ahalela uManqoba Mngqithi
“Ngekusasa lami, lilele ezandleni zabaphathi bamaqembu. Ngilindele noma yiyiphi inseleo noma nini.
“Anginankontileka ndawo njengamanje,” kuqhuba yena. Lokhu kuchaza ukuthi engasheshe esabele uma ebizwa.