Ayiyekwe noma ibe ngcono, kusho oweNewcastle nge-VAR
Umgadli weNewcastle u-Anthony Gordon uthe “akasiqondi isidingo” sokuba nohlelo lwevidiyo lokusiza onompempe (i-VAR) ebholeni.
UGordon uncishwe iphenathi ngesiwombe sokuqala yize ebonakale ebanjwe nguSofyan Amrabat weManchester United ngesikhathi iNewcastle ihlulwa ngo 3-2 e-Old Trafford ngoLwesithathu ebusuku.
Njengoba iNewcastle ililandela ngo-1-0 ngaleso sikhathi, unompempe obesenkundleni uRob Jones akazange ayibeke iphenathi futhi akazange atshelwe ukuthi abuyekeze isigameko yisikhulu ebesibheke i-VAR uJarred Gillett.
“Ngiyibukile futhi iyiphenathi ecacile,” kusho uGordon. “Yena (u-Amrabat) wehle ngesithende sami futhi engidudula ngemuva.
“Ngaze ngaleso sikhathi ukuthi yiphenathi, yingakho ngingazange ngiyikhalele kunompempe.
“Bengethembe i-VAR ukuthi izohlola. Ngitshela ozakwethu ukuthi ‘bekuyiphenathi ecacile’.
“Anginankinga ukuthi unompempe enze iphutha enkundleni, kodwa angiliqondi ele-VAR.
“Kuphakathi kokuthi siyahlukana nayo noma yenziwe ibe ngcono. Kulula kanjalo, maningi kakhulu amaphutha.”
Umphathi weNewcastle u-Eddie Howe wengeze wathi: “Ngicabanga ukuthi bekuyiphenathi.
“Mina ngisakholelwa ekutheni unompempe kube nguye athatha isinqumo futhi ngiyakweseka lokho namanje.
“Ngingathi ayiqhubeke (i-VAR) ukubheka ama-offsides, kodwa ngifuna amandla amaningi asale kunompempe.”
Ukuphawula kukaGordon kuze ngemuva kwamahora ambalwa kumenyezelwe ukuthi amakilabhu ePremier League azovotela ukuthi ayisuse yini iVAR ngesizini ezayo emhlanganweni wawo waminyaka yonke ozoba ngenyanga ezayo.
Ngaphambilini ngoLwesithathu, owayengukaputeni we-England, u-Wayne Rooney, ekhuluma kwi-Sky Sports, uthe uncamela umdlalo ngaphandle kwe-VAR.
“Angiyithandi i-VAR futhi uma ikhona, yenza izinqumo ngendlela efanele… Kodwa iyabuqeda nya ubumnandi bomdlalo.
“Kungcono uvumele onompempe basebenze bodwa kodwa uqonde ukuthi bazokwenza amaphutha.
FUNDA NALA: IPirates ‘ifuna” imali ebhekile kwabafuna isihlabani sayo
“Mina ngincamela ukubuka ibhola ingekho lento (iVAR),” kusho uRooney.