EzakamuvaiDStv Premiership

U-Aubrey Modiba akafisi bayeye iPolokwane City

Sihle Ngubo

IMamelodi Sundowns ngeke iyithathe kancane iPolokwane City engomakoti kwiDStv Premiership ezobhekana nayo ePeter Mokaba Stadium.

Abafana Ba-Style bazihambela bodwa selokhu kuqale isizini yeDStv Premiership. 

Sebeyiwine yonke imidlalo emihlanu nokwenza babe namaphuzu angu-15 futhi yibo abaqhwakele. 

Nokho u-Aubrey Modiba weSundowns ubona kumele bagawule babheke uma sebeyobhekana neRise and Shine ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

“Umdlalo wabo odlule (lapho beshaywe khona yiGolden Arrows ngo 3-2) awusasho lutho, futhi bebedlalela ekuhambeni. 

“Nakhona abadlalanga kabi ngoba bawashayile amagoli amabili,” kusho u-Aubrey Modiba.

“Bazobe bedlalela ekhaya ngakho kumele sibaqaphele kakhulu, bangasilimaza. 

“Bayawashaya amagoli futhi bayiqembu elihle kakhulu. Basendaweni ekahle nakwilogi.”

IPolokwane inyukele kwiPremiership ngemuva kokudla umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship. 

Iqale kahle njengoba iwehlula amaqembu afana neCape Town Spurs (eyishaye ngo 3-1) engakwini nowodwa umdlalo selokhu ifike kwiPremiership.

Nokho inselelo yabo yokuqala enzima yiyo le yeSundowns eshaya kwasani. Uma iPolokwane ingakwazi ukuthola iphuzu ngabe iqophe umlando. 

Kungaba yindaba engaxoxwa kuphele unyaka ke uma ingase yenze isimanga ngokuthi iyixebule ngenduku iSundowns. 

Phela kungabe kuyiyo eyokuqala ukuthola iphuzu noma amaphuzu kwiSundowns kule sizini. 

Yingakho ke u-Aubrey Modiba ebona kungafanele babheke igama leqembu ababhekene nalo, kodwa badlale ngendlela abahlezi bedlala ngayo. 

Uma yenze lokhu okulindelekile kuyo iSundowns kulo mdlalo, izoba namaphuzu angu-18, yelule negebe eshiya ngalo amanye amaqembu kakhulu. 

FUNDA NALA: Ubanjwe nenyama yokwebiwa owaduma kwiBafana Bafana

Izoqhela nagamaphuzu ayisishiyagalombili kwiGolden Arrows okuyiyo eseduze nayo njengoba isendaweni yesibili nje.