EzakamuvaIbhola

Aseyamdedela AmaZulu umdlali amlande kuqala isizini

By Njabulo Shezi

AmaZulu FC ngeke alisebenzise ilungelo lokwelula inkontileka yomunye wabadlali balo abafike bebhekwe ngabomvu kodwa abangafika ezingeni ebelibhekiwe. 

Kuvela ukuthi leli qembu laseThekwini selinqume ukumdedela ayozama kwenye indawo uDumisani Zuma elimthathe kade ededelwe yiKaizer Chiefs. 

UZuma ubengomunye wabadlali abahle abasayinwe AmaZulu ekuqaleni kwesizini ephelile. 

Nokho izinto azimhambelanga kahle. Ungomunye ke wabafika kuqala emqondweni yabaningi uma kuvela izinsolo zokuphuza kwabadlali kuleli qembu. 

Lezi zinsolozavezwa nguPhumlani Dube obesebenza kulo leli qembu, zenanelwa nanguBrandon Truter oke waliqeqesha. 

Igama likaZuma lifika kuqala nje ekhanda yingoba nakwiChiefs wachithwa ngoba esolwa ngakho ukungaziphathi kahle nokuthanda impilo yobumnandi. 

Ngokubika kwabeSABC Sport, uZuma uzokhululwa njengoba kuzophela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni. 

Kubikwa ukuthi Usuthu beluvele lumsayinise eyonyaka owodwa kodwa kunombandela wokuthi yilo elinelungelo lokucuselela. 

UmfokaNxamalala udlale imidlalo engu-19 kuMaZulu, washaya igoli elilodwa. Kuvela ukuthi baningi nabanye AmaZulu azobakhulula. 

Phela leli qembu lizihlela kabusha njengoba izinto zilibhimbele laze labalwa nalengelwa yizembe ngesizini ephelile. 

Lokhu kuvela ukuthi bekungenxa yokuthi bekubuye kube kwampunzedlemini kuleli qembu,abadlali befuna ukulawula umqeqeshi. 

Yikho lokhu okwaholela ekutheni kuxoshwe uBrandon Truter obeqale isizini, kwabe sekulandwa uRomain Folz. 

Isimo sibhede kakhulu ngaphansi kwalo mqeqeshi osemncane njengoba kuvela ukuthi abadlali asebekhulile bebemeya udede. 

ALSO READ: Kuvulwe ithuba lokuphikisa abaqokelwe izindondo kwabesibhakela

Naye wagcina ededisiwe, umsebenzi wanikwa u-Ayanda Dlamini okunguye okuphethwe isizini esengumqeqeshi. 

Impempe ike yabika ezinsukwini ezimbalwa esedlule ukuthi umdlali waseZambia, uRally Bwalya naye ubesephenduke isigruvane eThekwini.