AmankomaneEzakamuva

Kuvulwe ithuba lokuphikisa abaqokelwe izindondo kwabesibhakela

By Intatheli yeMpempe

Sebethuliwe abaqokelwe izindondo zokuklomelisa abenze kahle kwezamankomane kuleli kanti isikhulu esiphezulu seBoxing SA u-Erick Sithole uthi wesese ngohlu lwabaqokiwe. 

Ekhuluma emcimbini la bekwethulwa khona abaqokiwe ngoLwesithathu emini ePremier Hotel, eMhlanga u-Erick Sithole ucacise ngohlelo abalusebenzisile ukuqoka abenze kahle. 

Kufanele ukube uyazi ke okaJobe ukuthi imiklomelo yezemidlalo iyakhulumisa njengoba neyePSL isabashisa nje abanye abakholwa wukuthi akuklonyeliswanga abafanele. 

“Esikwenzile wukuthi simeme abezamankomane nezinhlangano ezesondelene nesibhakela ukuthi kube yibo abaqoka abababona befanelwe ukuhlonishwa ngezindondo. 

“Sibe sesilubhekisisa lolu hlelo lokuqokwa futhi yingakho namuhla sesithula abaqokiwe nje,” kusho u-Erick Sithole. 

Le nhlangano ilivulile ke yona iwindi lokuthi kufakwe izikhalo uma kukhona ababona kuqokwe abangafanelekile ukuthi banikwe izindondo. 

Nokho lincane ngoba kuzoba ngamahora angu-24 ukusuka kushicilelwe uhlu lwabaqokiwe. 

“Simema labo okungenzeka kukhona okuthile abafisa ukukufakela inselelo noma abadinga ukucaciseleka kukho ukuthi bakwenz elokho kulamahora angu-24 ezayo. 

“Uma lolo hlelo lokufakwa kwezinselelo seluphothuliwe, iBSA iyobe seyishicilela uhlu lokugcina lwabaqokiwe ngaphambi kokuphela kosuku ngoJuni 2.” 

Umcimbi wokuklomelisa ngezindondo labo abenze kahle uzobanjelwa eThekwini e-ICC ngoJuni 30. 

Nalu uhlu oluphelele lwabaqokelwe izindondo ezehlukene:

Ibhokisa loNyaka kwaBesilisa

A. Sivenathi Nontshinga

B. John Bopape

C. Phumelela Cafu

Ibhokisa loNyaka kwaBesifazane

A. Bukiwe Nonina

B. Hedda Wolmarans

C. Smangele Hadebe

Impi yoNyaka kwaBesilisa

A. Sinethamba Blom vs Kaine Fourie

B. Brandon Thysse vs Roarke Knapp

C. Nhlanhla Tyira vs Esneth Domingo

Umqhathi weZimpi woNyaka

A. Luyanda Kana

B. Ephraim Simba

C. Abbey Mnisi

Umqeqeshi woNyaka 

A. Vusi Mtolo

B. Bheki Mngomezulu

C. Khangelani Jack

FUNDA NALA: ISafa iphika izingxoxo nePSL ngokunyusa isibalo samaqembu 

Imenenja yoNyaka 

A. Colleen McAusland

B. Colin Nathan

C. Charrit Mukondeleli

I-K.O yoNyaka

A. Xolisani Ndongeni vs Apinun Khongsong

B. Phumelela Cafu vs Tinashe Majoni

C. Bongani Mahlangu vs Ayabonga Sonjica

Intatheli yoNyaka

A. Hayden Jones

B. Monwabisi Jimlongo

C. Thabiso Mosia

Impi yoNyaka kwaBesifazane

A. Asanda Simelani vs. Thapelo Bhokwe

B. Hedda Wolmarans vs. Ruth Chisane

C. Sharadene Fortuin vs. Ellen Simwaka

D. Simangele Hadebe vs. Stumai Muki

E. Thema Zuma vs. Bathabile Ziqubu

IRing Announcer yoNyaka

A. Vusiwe Ngcobo

B. Shepherd Dyani

C. Sipho Mashego

Ibhokisa elithembisayo lesilisa

A. DonJuan Van Heerden

B. Cayden Truter

C. Keanu Koopman

Ibhokisa elithembisayo lesifazane

A. Nomusa Ngema

B. Thobela Nyanda

C. Simamkele Tutsheni

Umhleli weZimpi woNyaka

A. TLB Promotions

B. Jackie Brice Promotions

C. ESPN Africa Promotions

Ijaji loNyaka A. Pumeza Zinakile

B. Vuyokazi Ncata

C. Riaan Janse Van rensburg