EzakamuvaIbhola

ISafa iphika izingxoxo nePSL ngokunyusa isibalo samaqembu 

By Sbongs Gumbi

Imibiko ebiveza ukuthi inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, nephethe ibhola elikhokhelayo, iPSL, basezingxoxweni ngokwenyusa isibalo samaqembu eligi seyichithiwe. 

ISafa isiphumele obala yathi azikho izingxoxo ezikhona phakathi kwayo nePSL kodwa yavuma ukuthi yake yakuhlongoza lokhu. 

Lezi zinhlaka zombili ziyaziwa ke ngokuthi azivamisile ukubona ngaso linye ezintweni eziningi. 

“ISouth African Football Association (Safa) isiyibonile imibiko ethi le nhlangano inezingxoxo nePSL ngokwenyuswa kwesibalo amaqembu ePremiership sisuke ku-16 siye ku-18. 

“ISafa ifisa ukukucacisa ukuthi azikho izingxoxo zalolo hlobo eziqhubekayo phakathi kwalezi zinhlangano,” isho kanje le nhlangano eholwa uDanny Jordaan esitatimendeni. 

“Ukwenyusa isibalo samaqembu ePremiership yisu elahlongozwa yiSafa njengendlela yokwenyusa isibalo sabadlali iBafana Bafana ezoqokwa kubo. 

“Le mibiko iveza ukuthi lokhu kuhlongozwe ngumqondisi wesokuqeqesha kwiSafa uWalter Steenbok. 

“ISafa ifisa ukukuveza ukuthi lo mbono awuqhamukanga noWalter Steenbok njengoba kwenzeke iphutha kwabikwa kanjalo ngempelasonto. 

“Empeleni lo mbono wahlongozwa yiSafa.” Kuso lesi sitatimende, iSafa iphinde yalungisa nangodaba lwesicelo sayo sokuba ngosokhaya beNdebe yoMhlaba yaBesifazane yango-2017. 

FUNDA NALA: IMaritzburg ithembe izibani nabalandeli koweCasric Stars

“Kolunye udaba, inhlangano yenze izethulo ngesifiso seNingizimu Afrika sokuba ngosokhaya beNdebe yoMhlaba yaBesifazane yango-2027 ekomidini le phalamende ngoMeyi 19. 

“Akwenzekanga ke lokhu okubikiwe kwabanye bezindaba, lo mhlangano wahaba yimpumelelo. 

“Akukho la amalungu ekomidi athi ngeke aseseke lesi sisifiso seNingizimu Afrika. Futhi imibiko ethi kwaba njalo ingamampunge nje.”