Izinyembezi kwaboSuthu beshaya i-Arrows besemanzini
Aliphethe ngenjabulo AmaZulu FC iviki eliqale ngosizi ngesikhathi ejikela omkhaya bawo iGolden Arrows esiswini njengotshwala.
Usuthu lushonelwe umgadli walo uBongi Ntuli ngempelasonto edlule, kodwa kuthe ngeSonto ntambama abuyeka enkundleni.
UNtuli ufihlwe ngoLwesine. Bekuvele kulindelekile ukuthi umdlalo uzosinda kuMaZulu ngenxa yalesi simo abebhekene naso.
Umdlali oqokwe njengovelele kulo mdlalo, uCelimpilo Ngema, uthe bekunzima kubo futhi kudingeke baziqinise.
“Bekubaluleke kakhulu ukuthi sinqobe ngoba sisezansi kwiligi, sifuna ukwenyuka,” kusho uNgema.
“Bekungelula, kkunzima ukuthi nidlale kade nishonelwe uzakwenu. Kodwa abafowethu benze okufanele ukuthi sinqobe.
Abadlali nabaqeqeshi bacwebe izinyembezi ekupheleni komdlalo abebethe bawudlalela ukuhlonipha uNtuli.
AmaZulu abuye kade eselandela ngemuva kulo mdlalo njengoba i-Arrows ilishaye ngomzuzu ka-18 igoli layo. Lishaywe uGladwin Shitolo.
Kuze kwayiwa ekhefini isahamba phambili i-Arrows futhi ubusungabheja ukuthi ingawunqoba lo mdlalo.
Nokho Usuthu lubuye selungcono esiwombeni sesibili futhi lwadlala ngendlela ebonakalayo ukuthi ibhekephi.
Nokho kuze kwaba u-Augustine Kwem ongcwaba i-Arrows esuka ebhentshini. Lo mgadli ushaye amagoli amathathu.
Ungene ngomzuzu ka-73, ngomzuzu ka-81 ube eseqala eqobela enethini igoli lokuqala.
FUNDA NALA: Omunye umlando iSundowns iba ngompetha bokuqala be-AFL
Ubuyile ngomzuzu ka-85, wabeka Usuthu phambili wabe eseqedela umsebenzi sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, eshaya elesithathu.