EzakamuvaIbhola

IMamelodi Sundowns izoshwebisa ezaseSoweto ngoweStellies?

By Njabulo Shezi

Njengoba iMamelodi Sundowns seyijoyine umbango wokusayina umdlali weStellenbosch, ingase iphinde ishiye izinkunzi zaseSoweto zincela izithupha. 

Leli qembu laseChloorkop liyaziwa ngokungadodoli nemali uma lifuna umdlali kanti lo R12-million okuthiwa ubekwe yiStellies izowukhipha kalula. 

Lo mdlali, uJunior Mendieta, kuke kwavela ukuthi usemabhukwini abadllai abahalelwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. 

Kodwa ke sekuvela ukuthi iMamelodi Sundowns nayo seyifake elayo igama kulo mbango njengoba lo mdlali ebebe nesizini enhle nje. 

Bekubhekwe ukuthi uzotholwa yiChiefs njengoba inobudlelwano obuhle neStellies kwazise nangesizini edlule badayiselane kahle. 

Kodwa ke kusolwa ukugodola nemali njengoba kuze kube manje kungekho okubambekayo osekukhona. 

Okunye okwenza iMamelodi Sundowns, ngaphezu kwemali, wukuthi ivele inabo abadlali baseNingizimu ne-America abakhuluma ulimi olufanayo noMendieta. 

Lo mdlali kuthiwa usahluleka wukubamba isiNgisi ngakho unkamunkamu ngokusuka eKapa ngoba bakhona asebejwayele khona. 

Kodwa ke kwiMamelodi Sundowns uzofica abafana naye njengoba kukhona oMarcelo Allende noGaston Sirino.

Omunye umdlali weStellies osephenduke inyama nguSibongiseni Mthethwa naye oseke wamataniswa kakhulu neChiefs. 

Nokho naye akukacaci ngaye yize Impempe ike yawuhosha umoyana wokuthi yena uzophelela khona eNaturena. 

“Yena uzogcina khona ngoba iChiefs iyamfuna ngampela. Uyena ezolwela ngoba ayinaye umuntu oqinile esiswini,” kusho umthombo. 

“Kusaxoxiswana futhi kungase kuphethwe maduze ngoba maphakathi noJuni vele zibuyela khona ensimini sekuyolungiselelwa isizini.”

FUNDA NALA: Afuna umqeqeshi AmaZulu, uDlamini uwudedele ususesandleni

Khonamanjalo, kuvela ukuthi iPirates yona izoqinisa esiswini ngomdlali weTS Galaxy uMothusi Oubass njengoba kuthiwa seyivumelene naye. 

Ngaphezu kwalo mdlali wasesiswini, iPirates seyivele isayine uMelusi Buthelezi ongunozinti kuyo iGalaxy.