EzakamuvaIbhola

UPitso Mosimane uphendule eyabalandeli abamfisa kwiChiefs

By Sbongs Gumbi

Abalandeli beKaizer Chiefs sebekuveze kwasobala ukuthi bengajabula uma leli qembu lingaqasha uPitso Mosimane ukuba azolivusa.

Lokhu kulandela ukungasheshi ngendlela kwezinto ngaphansi kuka-Arthur Zwane onikwe lo msebenzi ngoJuni wangonyaka odlule. 

Isizini iphele uZwane esenyamanambana kubalandeli kanti uke waze wahlaselwa ngemuva komdlalo wezakhe neSuperSport United. 

UPitso Mosimane nguye abambona engaba yingelosi ethunywe emazulwini ukuzovuselela leli qembu elake laduma ngokudla izicoco ubuthaphuthaphu. 

Naye lo mqeqeshi owenza umsebenzi oncomekayo kwiSuperSport United neMamelodi Sundowns kuleli, uthi ngeke awuvale umnyango wokuya eNaturena.

Ukusuka kwiSundowns waya kwi-Al Ahly yase-Egypt la edle khona zonke izicoco abebekelwe zona. 

Kule sizini uPitso ubekwi-Al Ahli yaseSaudi Arabia ayinqobise isicoco esigabeni sokuqala, yanyukela kwesiphezulu. 

Usanda kuveza nokuthi ubengaholelwa kuleli qembu kusukela ngoJanuwari okuveza ukuthi akasagijimisi imali phambili. 

Uthi kuye into ebalulekile wukuthatha umsebenzi ozomnika inselelo. IChiefs ke ingaba yinselelo enhle impela. 

Kodwa ngabe isike yamthinta izama ukumeshela? “Cha,” usho kanje lo mqeqeshi ekhuluma nabePower FM ngoLwesihlanu. 

“Kuza kwimenenja yami (okungumkakhe uMoira), ibingakasho lutho kimi ngeChiefs. Kona kukhona abangitshele ngakho.”

Njengoba leli qembu laseSaudi Arabia belingamholeli futhi selikuvezile ukuthi ngeke limgcine, ngabe yisikhathi sokubuyela ekhaya? 

“Kungenzeka noma yini. Akukho okumangazayo ebholeni, ngiyakuthanda ukwakha kabusha. 

“Uma kukhona la kunomsebenzi onenselelo, kukhona onombono afuna ukuwufeza bese nami enginika igunya lokuhlonza ukuthi sizowuqala kanje, siye la, siye le…”

KUthe uma ecindezelwa ngemibuzo, kubhekiswa kuye ukuthi engathini uma leyo nselelo ingalethwa yiChiefs, uthe engabona wenza njani sekukhona okukhulunyayo.

“Ayikasho lutho… Angazi (noma ngingavuma yini), singabona sekwenzeka. Kodwa kungamele sicabange kahle kuqala. 

“Kumele ukhumbule ukuthi akuselula (kimi) ukubuyela e-Afrika gnoba usuke ufuna ukuwina izicoco, ufuna ukuwina iChampions League nelinye iqembu. 

“Ufuna ukunqoba izicoco enhla ne-Afrika. Kudala ngifisa ukusebenza enhla ne-Afrika, eMorocco. 

FUNDA NALA: Kuzotshabuka izinqa imincile iMaritzburg kulandela induku yeSpurs

“Ngibe sengithola ithuba lokuza lapha e-Asia, Ngakho njengamanje i-Afrika ayingihlanyisi kangako ngoba uma ngibuya yini nje engingajabulela ukuyinqoba? 

“Kodwa ke kungancika ekutheni uthini umbono walowo msebenzi,” kuchaza uPitso Mosimane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *