EzakamuvaIbhola

Kuzotshabuka izinqa imincile iMaritzburg kulandela induku yeSpurs

By Sbongs Gumbi

Osekusalele iMaritzburg United manje wukuthi imincele ukuthi iCasris Stars ithole iwini yayo yokuqala emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership. 

IMaritzburg izifake kulolu talatiya lokwethembela kwimiphumela yamanye amaqembu kulandela ukushaywa kwayo yiCape Town Spurs ngoMgqibelo. 

EzikaFadlu Davids ziguqiswe ngo 1-0 wegoli likaMichael Morton elingene ngomzuzu ka-17 emdlalweni obuse-Athlone Stadium ngoMgqibelo ntambama.

ISpurs yiyo esibuyele esicongweni sale ligi yamaqembu amathathu okuzophuma kuyo elilodwa elizovala isikhala esisele kwiPremiership. 

Osekungasiza iMaritzburg wukumincela ukuthi iStars siyibambe iSpurs ingawatholi wonke amaphuzu uma lamaqembu esebhekene e-Athlone Stadium eKapa ngoLwesithathu. 

Uma i-Urban Warriors iwawole wonke, iyobe seyinayisishiyagalolunye bese idinga ukudlala ngokulingana neMaritzburg emdlalweni wokugcina. 

Nakho lokho kuyoncika ekutheni leli qembu laseMphithi liyawathola yini nalo amaphuzu aphelele kwiStars ekuhambeni. 

Noma kunjalo, uDavids uthi ngeke balahle imbeleko ngoba nakhu kubhedile kulo mdlalo, basazolwa. 

“Kusheshe kwacaca ukuthi siyahluleka kulo mdlalo. Ukungenelwa yigoli masinyane ngalolu hlobo kusicindezelile,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Okuhle nje esiphuma nakho kulo mdlalo wukuthi bashaye igoli elilodwa. Kusesezandleni zethu ukuthi siphelelaphi. 

“Kodwa kumele nakanjani siyinqobe le midlalo emibili emibili esisalele bese sibona ukuthi siphelelaphi. 

“Uma singanqoba kwiCasric bese sinqoba kowokugcina ekhaya mhlawumbe kuyobe sekusebenza isibalo samagoli. 

“Ngeke sililahle ithemba. Sizowathola amaphuzu kwiCasris nasemdlalweni wethu wokugcina.”

FUNDA NALA: IKaizer Chiefs seyihlehlile koweStellies, isidoba eMgungundlovu…

IMaritzburg izoba nekhefu elanele ukulungiselela umdlalo olandelayo njengoba isiyoze idlale ngoMgqibelo ozayo. 

Izoya eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga eMpumalanga la iyobhekana khona neStars emdlalweni okumele nakanjani iwunqobe.