EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Usabambelela ngezidindi uFadlu Davids yize bemuka nomfula

UFadlu Davids kusale kancane ukuthi avume ukuthi uma ezakhe zike zangakwazi ukuqoqa amaphusu emdlalweni olandelayo, kuyobe sekubhedile. 

IMaritzburg isahleli emsileni kwilogi yeDStv Premiership kulandela ukushaywa kwayo yiSwallows FC ngoLwesihle kusihlwa. 

Igoli iSwallows enqobe ngalo lishaywe ngu-David Uromi sekusele imizuzu angaphansi kwemihlanu umdlalo uphele. 

Lo mphumela ubeke iSwallows endaweni engcono yokuthi iphunyule kunoxhaka wezembe njengoba sekusele imidlalo emithathu nje. 

Umqeqeshi weMaritzburg, uFadlu Davids yena awakhe amathemba usewabeke emdlalweni olandelayo. 

Uthi sekumele nakanjani bathole amaphuzu amathathu uma sebebhekene neMarumo Gallants eHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu oluzayo.

“Ngeke sililahle ithemba manje. Kusasele amaphuzu ayisishiyagalolunye okumele siwadlalele,” kusho uFadlu Davids ngemuva komdlalo. 

“Manje sesibanga (ukusuka ezembeni) namaqembu amabili (iGallants neChippa United). 

“Kumele sishaye iMarumo Gallants ukuze sithole amaphuzu amathathu bese silingana nayo. 

“Ngemuva kwalokho siyobe sesilwa kule midlalo emibili ezobe seyisele. Yilokho nje,” kuchaza yena. 

“Ngiyabazwela abadlali ngoba bazamile. Kodwa uma izinto zingakuvuni vele kuba nje. 

“Akumele ke kodwa bese sizithela ngabandayo ngenxa yalokho. Kumele siqhubeke silwe. 

“Kumele siye emdlalweni olandelayo, nakhona silwe. Uma siqhubeka nokuzimisela, inhlanhla izogcina isivunile nathi. Ngeke kuhlale kunje.” 

FUNDA NALA: UFrosler akawuvali umlomo ngesimanga segoli lika-Ashley Du Preez

UFadlu Davids uthi ifomu yeGallants ngeke isebenze ngosuku lwalo mdlalo wabo.  

“Ifomu ayizusebenza. Okubalulekile wukuthi sizodlala kanjani ngosuku lomdlalo… 

“Izinto ziyasiphika okwamanje kodwa ngeke akumele sikufake emqondweni lokho.

“Kumele siye emdlalweni ngokuzimisela, siboen singatholani,” kuchaza lo mqeqeshi.