IChiefs seyihlome ngomgadli waseColombia uJasond Gonzáles
Sbongs Gumbi
IKaizer Chiefs isigcine imethulile kubalandeli umdlali wayo omusha waseColombia u-Efmamjjasond Gonzáles Palacios.
Amahlebezi okuthi Amakhosi azothola lo mgadli ngokwebolekwa yena yiqembu laseBolivia iReal Santa Cruz aqale ngeviki elidlule.
Nokho kukhona ukubambezeleka ekufikeni kwakhe okuthiwa kungenxa yamaphepha amvumela ukungena kuleli.
Kodwa ke ngoLwesine ekuseni leli qembu laseNaturena libike ukuthi lo mgadli usesendleleni ebheke kuleli.
“Njengoba isizini isivele iphakathi, iKaizer Chiefs iyaqhubeka nokuqinisa iqembu,” besifudneka kanje isitatimende sayo.
“Simemezela ukusayinwa kuka-Efmamjjasond Gonzáles Palacios waseColombia njengoba silungela ukufana inselelo eqinile kule sizini ka-2023/24.”
UGonzáles akayena umdlali wokuqala waseColombia ukuzodlala kwiChiefs. Kodwa ufike sekuphele unyaka wonke ashiya umkhaya wakhe uLeonardo Castro.
“Lo mgadli obuye aziwe ngegama elilula likaJasond González, ngowesibili kubadlali baseColombia ukusayina kuMakhosi,” kwengeza iChiefs.
UCastro usedlala esigabeni sesithathu e-US la kuthiwa uwashaya ngathi uyabukisa amagoli. UGonzáles yena ufia nje iChiefs isanda kukhulula umgadli waseBurundi uCaleb Bimenyimana ngoLwesithathu.
FUNDA NALA: UWebber uveza abakutshelwe unompempe ngegoli lezimanga
Abalandeli beChiefs akungabazeki ukuthi bakubheke ngabomvu ukubona ukuthi lo mgadli waseColombia ufika nani kuleli qembu.